UZIHLABE wazihlikiza izinkulumo ezisola umdlali wasesiswini, uNkosingiphile Ngcobo, ngokukhuluphala nezokuthi abadlali bakhe babukeka bengenamfutho enkundleni umqeqeshi oyibamba kwiKaizer Chiefs, uCavin Johnson.
Amakhosi aseqhube imidlalo emithathu selokhu kubuywe ekhefini le-Africa Cup of Nations ngenyanga edlule.
Adlale ngokulingana ngo 0-0 neRoyal AM koweDStv Premiership, ashaywa yiMilford FC sekukhahlelwa amaphenathi kwiLast 32 yeNedbank Cup, ngaphambi kokubambana ngo 0-0 neMoroka Swallows emdlalweni wakamuva weligi.
UNgcobo ungomunye wabadlali abakhonjwa ngenjumbane ngabanye abalandeli ezinkundleni zokuxhumana, bethi ubukeka engekho esimeni somdlali webhola elikhokhelayo njengoba bemsola ngokunona.
Nokho, ngesikhathi ebuzwa ngalokhu ngemuva komdlalo neSwallows, uJohnson uthe akunjalo.
“Angicabangi ukuthi uMshini (Ngcobo) ukhuluphele, ukahle. Angabukeka sengathi wondlekile kodwa engikushoyo wukuthi sinabantu ababheka zonke lezo zinto futhi akekho noyedwa umdlali oyisidudla eqendlini lethu,” kusho uJohnson.
"Sinesinye sezikhungo zokuzivocavoca ezihamba phambili ezweni. Sinezindlela ezisezingeni eliphezulu zokuhlola abadlali. Uma senza zonke lezo zinto yonke imiphumela iphuma iqondile.
"Uma ngingakutshela ukuthi ubukeka ukhuluphele ngingabe ngisho into engizicabangela yona mina. Yena akakhuluphele, unesisindo esijwayelekile. Singobani thina njengabantu bangaphandle ukuthi singanquma ukuthi ubani okhuluphele noma wondile?"
UJohnson ubuye wathi akakholwa wukuthi abadlali bakhe abanawo umdlandla ekundleni. Kunalokho usola indlela abaphasa ngayo ibhola uma sebesondele emapalini njengesizathu esiholela ekutheni bahluleke ukushaya amagoli emidlalweni yakamuva.
"Yonke imidlalo siyibheka ngendlela ehlukile bese siphawula ngalokho esikubonile. Angicabangi ukuthi siliyisa kabi ibhola phambili. Engikubonayo ukuthi asiliphasi ngendlela efanele ibhola, bese singakwazi ukubona isivinini somdlalo. Angigculisekile ngendlela esiphasa ngayo ibhola, yileyo nkinga engiyibonayo uma sihlasela.”
Amakhosi ahlulekile ukubhakuzisa inethi emidlalweni emithathu edlule, nokuyinto azobe ebheke ukuyishintsha uma esegadulisana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi ozokuba seFNB Stadium ngo-7.30 kusihlwa.
Imidlalo yakuleli sonto yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-7.30pm: AmaZulu v Moroka Swallows (King Zwelithini Stadium); Cape Town City v Stellenbosch (DHL Cape Town Stadium); Kaizer Chiefs v Golden Arrows (FNB Stadium).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Orlando Pirates v Cape Town Spurs (Orlando Stadium); Chippa United v Richards Bay (Nelson Mandela Bay Stadium); Sekhukhune United v Royal AM (Peter Mokaba Stadium); TS Galaxy v Mamelodi Sundowns (Mbombela Stadium).