UFUNA bakhiphe isibhongo emdlalweni olandelayo weDStv Premiership abazowudlala neLamontville Golden Arrows, uCavin Johnson ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs iqhubekile nokushaya into ephansi.
Amakhosi naBafana Bes’thende bazotholana phezulu koweligi eFNB Stadium kusasa, ngo-7.30 ebusuku.
EzikaJohnson zibuye nephuzu elilodwa ngoMgqibelo ebusuku zishukana ngo 0-0 neMoroka Swallows emdlalweni oke waphazanyiswa ukuduma kwezulu.
Selokhu imidlalo yePremier Soccer League ibuyile, iChiefs ayikanqobi emidlalweni emithathu kwazise ibuye yabambana neRoyal AM ngo 0-0, yakhishwa yiMilford FC kumaphenathi koweLast 32 yeNedbank Cup. Kuyona yomithathu le midlalo ayitholanga nelokubika igoli.
"Aseneme neze siyiKaizer Chiefs. Umdlalo besiwuphatha kodwa lokho kube yizikhawu ezincane. Asijabule neze ngokwethu. Kumele siqinise kakhulu futhi sikwenze umdlalo wonke,” kusho uJohnson kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Okungconywana wukuthi siphinde sangangenelwa igoli kodwa akwanele ngoba besihluliwe (kumaphenathi) emdlalweni odlule. Sidinga ukuvuka ngokushesha ngoba sincane isikhathi esinaso ngaphambi kokubhekana neGolden Arrows. Sizophinde siphume silwele amaphuzu amathathu.”
UJohnson unethemba lokuthi abadlali bakhe bazoqala ukubhakuzisa inethi. Unxuse abalandeli ukuthi baqhubeke nokubekezela njengoba besabheka izisombululo ezizobasiza ukuthi banqobe imidlalo.
“Ukungashayi amagoli anele yinto engikhathazayo kuwona wonke amaqembu esengike ngawaqeqesha ngoba ibhola limnandi ngamagoli.Impilo yami yonke ngikholelwa ekutheni uma izitha zishaya amagoli amabili thina kufanele sihlohle amathathu. Nami ngikhathazekile kodwa sisazama ukulungisa futhi ngithemba ukuthi sekuzolunga,” usho kanje.
“Siyabonga abalandeli ngokuba khona ngisho liyidliva, siyabuzwa ubuhlungu ababuzwayo. Siyazama futhi siyathandaza nsuku zonke ukuthi isimo sishintshe, iqembu libe sezingeni elihlukile. Asihlulwanga emidlalweni eyisithupha edlule yeligi, kuyasikhuthaza lokho kodwa sidinga amaphuzu.”
IChiefs isendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-18. Iyishiya ngamaphuzu amathathu i-Arrows, esiyehlele endaweni ka-10 njengoba isiphenduke ukudla kwenduku. I-Arrows seyihlulwe kulandelana imidlalo eyisishiyagalolunye eyidlalile.
Ngesikhathi la maqembu etholene phezulu eMpumalanga Stadium ngo-Okthoba umdlalo wanqotshwa Abafana Bes’thende ngo 2-1.
“Kuzoba wumdlalo ohluke ngokuphelele. Ngesikhathi sigcina ukudlala nabo eThekwini imvula yayina futhi basidlalisa kwenye indawo engingayazi. Kulokhu beza eFNB. Sibheke ukuthi abadlali balulame bese silungiselela umdlalo,” kuphetha uJohnson.