USEZAMA inhlanhla kuMaZulu umdlali wasemuva, u-Omega Mdaka, ongomunye wabaxoshwe yiKaizer Chiefs emasontweni adlule.
UMdaka (19) waseMpangeni obengukaputeni weqembu leDStv Diski Challenge laMakhosi, ukhonjwe indlela emasontweni amabili adlule.
Lokhu kulandela ukunqaba kwakhe nabanye ozakwabo ukuba ngama-ball boy emdlalweni weCarling Black Label Knockout phakathi kweChiefs naMaZulu eFNB Stadium. Uchithwe kanye noPuso Dithejane osecoshwe yiTS Galaxy. Abanye abadlali abane abebesecaleni nabo okunguDonnay Jansen, Siyabonga Gumede, Lungile Nkosi noNtandoyenkosi Nkosi, bamisiwe eqenjini kodwa baxolelwa emuva kokukhombisa ukuzisola. Kuvele ukuthi iChiefs ifuna uR1.5 million ngoMdaka noDithejane umdlali ngamunye.
UMdaka, oyibamba emuva kwesokunxele, uvumile ukuthi iChiefs isimnikile incwadi yokumkhulula. Ubengomunye wabadlali beDiski abebenezinkontileka zokudlala esikimini esikhulu futhi eziqeqesha naso.
“Senginesonto lonke ngiziqeqesha naMaZulu. Ngizizwa ngisesimeni esihle futhi ngenza kahle ejimini. Nginethemba lokuthi konke kuzohamba kahle, ngigcine ngisayinile kuMaZulu,” kusho uMdaba.
UMdaka ubekhuluma naleli phephandaba ngesikhathi kunemidlalo yeDStv Diski Challenge KwaMashu, ngempelasonto edlule. IChiefs idlale ngokulingana ngo 1-1 neCape Town City. Uma uMdaka egcina esayinile kuMaZulu, uzobanga indawo noRiaan Hanamub waseNamibia noSibusiso Mabiliso osebuya kwiChiefs.
UVela Khumalo, obengumqeqeshi kaMdaka kuChiefs, uthe abadlali abamisiwe bayoze badlalele iqembu ngonyaka ozayo. Amakhosi azodlala umdlalo wokugcina wonyaka neSekhukhune United e-Isak Steyl Stadium ngoMgqibelo ngo-12 emini. Azobuya ngeChippa United eFNB Stadium ngoJanuwari 13.
“Bebemisiwe ngenxa yokwenzekile nesifundo okufanele basifunde ngoba lokhu kuphambene nesiko lethu, akuyona indlela yeChiefs. IChiefs iyiqembu elinokuthula noxolo. Akekho omkhulu kunebhola uqobo. Ngakho bekuyindlela yokubaqwashisa neyokuthi anikalenzeli lutho iqembu. Asiqale sifunde sibe ngabadlali abangcono namalungu omphakathi angcono ngoba uma sibayeka manje bazosilahlekela unomphela,” kusho uKhumalo.
Emasontweni adlule, uKhumalo, uthe ukuhlakazeka kwesikimu sakhe ebesinoMdaba noDithejane, kumqedele ithemba lokuwina isicoco seligi yeDiski. Amakhosi asendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-11. Eqhulwini kusahlezi iMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-27 emuva kwemidlalo engu-11. Ivule igebe lamaphuzu amane phakathi kwayo ne-Orlando Pirates ekhale ngaphansi kwiSuperSport United ngempelasonto edlule.