UHAPPY Jele ochithwe yi-Orlando Pirates abesehlale kuyo iminyaka engu-16, uzama inhlanhla kwiRoyal AM.
Isolezwe lithole ukuthi lesi sitobha esidedelwe ngeZimnyama ngesizini edlule, siqale ukuzilolonga neThwihli Thwahla ngoLwesithathu ntambama.
Nayizolo ekuseni kuthiwa besikhona futhi sikhombisa ukuzimisela.
“Ngokubona kwethu abaphathi beqembu bafuna ukumsayinisa uJele. Vele sikhulu isililo kubo ngokuthi udonga lwasemuva luyavuza. Nokho kuzoncika ekutheni uMaduka uyamthanda noma cha,” kusho umthombo ongaphakathi.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uRichard Makhoba oyimenenja jikelele yeThwihli Thwahla. Kuze kwafika isikhathi sokushicilela engawuphendulanga umyalezo athunyelelwe wona emuva kokungalubambi ucingo.
Ezinyangeni ezedlule kuke kwavela ukuthi iRoyal AM iyamfuna uJele. Kubikwe neSwallows neCasric eyibamba kwiMotsepe Foundation Championship.
Uma kugcina ngokuthi asayine kwiRoyal AM, maphakathi nodonga lwasemuva uzobanga ijezi noRicardo Nascimento, Lesego Manganyi, Sikhethele Mabuza, Thabo Lingwati noMbhazima Rikhotso.
Kuvela lezi zindaba nje, emasontweni edlule uJazzman Mahlakgane oyimenenja kaJele, ubeveze izinhlelo zokumbuyisela kwiPirates.
Waveza ukuthi uma kungagcina kwenzekile ngeke esaba ngumdlali, uzonikwa omunye umsebenzi.
Akathandanga ukunaba ngalokhu, ezeseka ngokuthi udaba lusingethwe emazingeni aphezulu kweZimnyama. Nokho, iPirates ihlukana naye ekupheleni kwesizini edlule, ibifuna ukumnika umsebenzi ayeke ukudlala. Wawunqaba ezeseka ngokuthi usafuna ukudlala.
Kule minyaka ewu-16, ekweZimnyama udlale ewu-400, washaya amagoli awu-18.
Ubekhona iPirates inqoba izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana kusuka ngo-2010 kuya ku-2012.
Ubekhona futhi iqembu lakhe liphuma kowamanqamu eCaf Champions League ngo-2013. Uphinde walima indima enkulu eZimnyama ziphuma kowamanqamu eConfederation Cup ngo-2015 nango-2021.
Ngasekupheleni konyaka odlule uJele ungomunye wabebenza izifundo zokuqeqesha zeCaf C Licence ngaphansi kweSafa Ekurhuleni.