UHAPPY Jele noKatlego Mphela, bafisa kube ngamaqembu aKwaZulu-Natal, azodlala kowamanqamu weCarling Knockout ngenxa yabathandi bebhola bakulesi sifundazwe abazifelayo ngebhola.
UJele noMphela bebeyingxenye yamanxusa omqhudelwano abehambele emahhovisi aleli phephandaba ngoLwesihlanu.
Mabili amaqembu aseKZN azodlala kweyandulela eyamanqamu eCarling Knockout, namuhla nakusasa ezinkundleni ezahlukene eThekwini.
IRichards Bay FC izotholana phezulu neStellenbosch FC ngoMgqibelo ngo-3 ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
NgeSonto ngo-3 ntambama AmaZulu azodudulana neTS Galaxy, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo wamanqamu weCarling Knockout uzoba ngoDisemba 16, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Empeleni womane, lawamaqembu azodlala kule midlalo eyandulela eyamanqamu akufanele ukudlala owamanqamu, yize bengingafisa ukuthi iStellenbosch kaSteve Barker, ifinyelele kowamanqamu.
“Kodwa-ke ngenxa yokuthi mabili amaqembu aseKZN akweyandulela owamanqamu, kungaba yinto enhle ukuthi womabili (iRichards Bay naMaZulu) kube yiwona adlala kowamanqamu ngenxa yesasasa elingaba khona kowamanqamu uma kungaba ngamaqembu aseKZN adlala owamanqamu,” kusho uMphela, owadlala kuMamelodi Sundowns nakuKaizer Chiefs.
UJele uthiphe awaseKZN kowamanqamu. “UDisemba, wonke umuntu ufuna ukuba seThekwini ezojabula, ngakho kungaba kuhle impela uma kungaba ngamaqembu alapha eKZN azodlala umdlalo wamanqamu eCarling Knockout.
“Sonke ngalesi sikhathi sikaDisemba, okuyisikhathi samaholidi, siyakuthokozela ukuba nemindeni yethu nezingane zethu, ngakho iTheku yiyona ndawo yokuzikhipha sithokoze siye ebhishi.
“Kungaba kuhle kakhulu uma umdlalo wamanqamu ungadlalwa AmaZulu neRichards Bay,” kusho uJele, ogcine ukudlala kwiRoyal AM, yaseKZN.
Isomiso sezindebe sisalokhu sihlasele emaqenjini aseKZN njengoba AmaZulu agcina ngo-1992 ukuphakamisa indebe ngeCoca-Cola Cup (esiyiCarling Knockout), kanti ukufinyelela kweRichards Bay kowamanqamu kuyobe kuqopha umlando ngoba ingabe iqala ngqa. INatal Rich Boyz ikhuphukele kuDSTV Premiership ngo-2021.
Kuza owamanqamu weCarling Knockout eThekwini nje, ngo-Okthoba leli dolobha belisingethe owamanqamu weMTN 8, eMoses Mabhida Stadium, onqotshwe yi-Orlando Pirates iguqisa iMamelodi Sundowns ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi.