UZISHAYA isifuba umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, ngokusayinisa uBradley Grobler eqenjini asehlale kulo waze wafinyelela emagolini angu-100, emidlalweni yePremier Soccer League (PSL).
Lokhu uGrobler (35), ukwenze ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi benquma iMaritzburg United ngo 2-0 koweDStv Prermiership obudlalelwa eLucas Masterpieces Moripe Stadium, e-Atteridgeville, eTshwane.
Igoli likaGrobler libe ngelesibili futhi kube yiphenathi kanti elokuqala lishaywe nguKeagan Johannes, womabili angene ngesiwombe sesibili.
Emuva komdlalo uHunt ubengajabuleli nje kuphela amaphuzu amathathu kodwa neso lakhe eseliholele ekutheni uGrobler ahlale iminyaka ewu-10 eqenjini laseTshwane.
“Wasayiniswa yimi lapha kwiSuperSport ngabe sengiyahamba kodwa ngaphinde ngamfica eselapha. Ngokwami kufanele ukube unamagoli amaningi kakhulu kabi ukuno-100,” kusho uHunt.
“Kunezinto ongeke uzizibe ngaye njengokuhlala azinze kwiSuperSport ngoba nginesiqiniseko, kunezikhathi lapho ebengafuduka khona. Okumqoka manje wukumphatha ngendlela ehambisana nokukhula kwakhe njengokumlekelela ekutheni angalimali. Vele namanje angimqiniseli isandla ekujimeni.
“Ngokwami kufanele ngabe unenqwaba engaphezu kuka-100 njengamanje. Ulahlelekelwe yisikhathi esiningi kabi enkundleni ngenxa yokulimala.”
Kweyokuzinza kwiSuperSport kuze kuphele iminyaka ewu-10 nayihlanganise ngoJanuwari, ufanelwe wukumncoma uGrobler ngoba eminyakeni edlule ubelokhu emataniswa ne-Orlando Pirates namanye amaqembu.
Ngokunqoba ngoLwesihlanu iSuperSport iqinise indawo yayo esikhaleni sesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns.
“Mina anginandaba nezihloko eziphambili zezindaba kodwa okumqoka wukubheka umdlalo olandelayo. Sinesikwata, engicabanga esincane ukuzedlula zonke eligini. Kuke kube nzima ukuhlanganisa ngisho abadlali bosuku,” kusho uHunt.
IMaritzburg ishoveleke nakakhulu kwalasha endaweni ka-15 kwilog.
UGrobler usebalwa nezinsephe okunguSiyabonga Nomvete, Mabhuti Khenyeza, Daniel Mudau, Manuel Bucuane emagolini angu-100 kwiPSL.