UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, ufisa sengathi ngabe sekuyisekupheleni kwesizini njengoba igama leqembu aliphekayo selibalwa kwadlalela ngasesicongweni kwiDStv Premiership.
Ukunqoba kweSuperSport ngo 2-0 kwiStellenbosch FC eKapa ngoLwesibili, obekungokwesithupha emidlalweni yeligi eyisikhombisa, kuyibeke esicongweni kwi-log yize iMamelodi Sundowns neRichards Bay FC bebesengayeqa uma bevunwa yimiphumela kweyabo yayizolo ebusuku neMarumo Gallants neCape Town City ngokwahlukana.
Lo mqeqeshi onomlando wokudla isicoco seligi amahlandla amathathu kulandelana naleli qembu eminyakeni edlule, utshele abeSuperSport ngemuva komdlalo ukuthi ngabe kungcono ukuba kukhulunywa ngeqembu lakhe nesicongo nje, sekusele amasonto ambalwa kusongwe isizini. Amagoli okunqobe ngawo i-United ngoLwesibili ashaywe uJamie Webber noBradley Grobler.
“Angizimisele nangokuyinaka indaba yokuthi sidlalela ngasesicongweni ngoba kusekude kakhulu ukuthi kufike lapho ngingathanda khona ukukhuluma ngikhululeke, ngokuthi iqembu lami libalwa naphezulu,” kusho uHunt.
“Asizange siyiqale kahle isizini, ngakho-ke kusemqoka ukuthi silokhu siqhubekile nokuzama ukwenza kangcono kuyona yonke imidlalo.
“Sinabadlali abaningi abancane, asinaso isizathu sokubuka kude kakhulu kepha simelwe wukugxila emidlalweni elandelayo kuze kube kufika ikhefu leNdebe yoMhlaba.
“Kubalulekile futhi ukuzithoba ngakho konke esikwenzayo, kodwa-ke ngenhlanhla asikho isidingo sokuthi ngize ngiyikhulume nabadlali leyo ngoba bonke iyamangalisa indlela abalalela ngayo nabazimisele ngayo ukufunda kwabadala kunabo nakimina,” kusho umqeqeshi kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
Mayelana nomdlalo, uHunt uthe yize iStellenbosch iqale kahle kodwa konke bekuvuna bona kuzona zombili iziwombe.
“Iqiniso wukuthi besingeyona le nto esiyijwayele kodwa laba abebesefomini, njengoPatrick (Maswanganyi) benze iqembu laba ngcono kakhulu.
“Kuzona zombili iziwombe akukho lapho besisenkingeni khona. Nendlela akhombisa ngayo izimpawu zokuvuka uTyson (Thulani Hlatshwayo), ingihlaba umxhwele,” kusho uHunt.
UWesley Sergel, oyiphini likaSteve Barker kwiStellies, ukhale ngobunzima bokudlala neSuperSport.
“Badlala amabhola amade nahamba phezulu futhi bakhonze izikhwepha, ngakho-ke kuningi obekusiphazamisa endleleni esiyijwayele yokudlala,” kubalisa uSergel.
ISuperSport isizoze idlale oweligi ngo-Okthoba 30 ekhaya neSwallows, bese kuyiwa ekhefini leFifa leNdebe yoMhlaba. IStellenbosch yona izovala naMaZulu ngosuku olufanayo eKing Zwelithini Stadium.