UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt usebeke lonke ithemba kubadlali abanesipiliyoni ukuthi bagxishe kwabancane umqondo wokubaluleka ukunqoba iNedbank Cup.
UHunt nezakhe basembhidlangweni wokuphinde banqobe le ndebe. Indlela yabo izodlula kwiStellenbosch FC abazogadulisana nayo namuhla ngo-3 ntambama, eDanie Craven Stadium.
Uqale ukunqoba le nkomishi ngo-2004 isabizwa nge-Absa Cup esaqeqesha iMoroka Swallows. Uyinqobele neSuperSport ngo-2012.
Leli qembu libunjwe yinqwaba yabadlali abancane abanjengoShandre Campbell abathathwe kwinkulisa, bese kuba abambalwa abamnkantshubomvu.
Phakathi kwabanamava iSuperSport egabe ngabo ukaputeni, u-Onismor Bhasera, Thulani "Tyson" Hlatshwayo, Lyle Lakay, Bradley Grobler noWashington Arubi.
Iningi lalaba badlali bayawazi umuzwa wokuqukula indebe njengoba bephumelele emaqenjini abo akudala.
Ephefumula ngomdlalo weStellenbosch kwabezindaba, ezindlini zePremier Soccer League (PSL), uHunt uveze ukuthi abanye abadlali abancane abakuqondi ukuthi kuyinhlanhla engakanani ukudlala ndawonye nabantu asebegudlile.
"Abadlali abadala bangenzela umsebenzi ube lula enkundleni. Indaba iqala ezindlini zokushintshela lapho beqapha khona konke njengoba beyiso nezindlebe zami.
“Uma kunomdlali othanda ukuphuma eceleni njengojosaka, abadlali abadala bayakwazi ukumfaka emgqeni. Okwami njengomqeqeshi ukuthi ngizihluphe ngokuqhamuka namaqhinga okucoboshisa izitha.
“Ngethemba ukuthi laba badlali abadala bazoqhubeka nokungisiza ukuze siyinqobe le nkomishi,“ kubeka uHunt.
Uveze ukuthi ayimethusi kangako ifomu yeStellenbosch evutha ingabaselwe kulezi zinsuku. IStellies isivele inendebe kule sizini njengoba ingompetha beCarling Black Label Cup futhi isendaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
Emidlalweni engu-20 ayikaze yehlulwe ezinyangeni eziyisithupha.
UHunt uthe: "Yebo ngiyavuma impela sebedlale imidlalo eminingi bengahlulwa, kodwa nabo kuzomele bazikhathaze ngathi ngoba abazi ukuthi sibahlomele ngayiphi indlela.
“Okunye okuzoba wukhiye yisimo senkundla ukuthi sizovuna bani ngosuku lomdlalo.“
Umqeqeshi weStellies, uSteve Barker uthe izinto zihamba kahle ekhempini njengoba wonke umuntu ewuvivele umdlalo.
"Kule sizini sisadlala kahle impela. Ukunqoba iCarling sekwenze abadlali bazethemba ukuthi bangaphinde banqobe enye indebe," kusho uBarker.
Nokho uveze ukudumala ngokuthi uzodlala singekho isethenjwa sakhe esivala kwasani emuva uThabo Moloisane. Nokho ezimnandi ngezokubuya kukaJayden Adams noGenino Palace abebelimele.