USADIDEKILE namanje umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, ngendlela i-Orlando Pirates ephathe ngayo obengukaputeni weBafana Bafana, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, ofike wanikwa ibhande lobukaputeni kuMatsatsantsa aPitori.
Lesi sitobha singomunye wabadlali abachithwe yiPirates ngesizini edlule emuva kokuhlala amasizini amabili eqenjini, ubenamaphutha amaningi yize eyiqukulile iMTN 8 ngonyaka afike ngawo.
Ngesizini edlule ugijime emidlalweni ewu-13 sekuhlanganiswe imiqhudelwano ngoba iPirates ihambe yaze yafika kowamanqamu, eCaf Confederation Cup.
Akubuzwa ukuthi namuhla ngo-8 ebusuku, insimbi yomdlali wasemuva izobekhona esikwatini sikaHunt esizobhekana neKaizer Chiefs koweDStv Premiership eFNB Stadium, eSoweto.
Ekuhlukaneni nePirates, uhlale engenalo iqembu waze watakulwa yiSuperSport ngokubuyisa uHunt, ongachithanga sikhathi wamlanda ngoba beke basebenza naye kwiBidvest Wits, benqoba izindebe.
“Indaba kaTyson nje hhayi...ubeselahliwe. Abantu sebethi kuphelile ngaye kodwa ebekade engukaputeni weBafana futhi esenqobe zonke izicoco,” kusho uHunt.
“Uyinkakha engangangabazisi kwezikanobhutshuzwayo kodwa ukuzithola esebukwa njengesaka ekubeni esemncane (uneminyaka engu-32)...mina bengazi ukuthi usazodlala.
Kule sizini, uHlatshwayo usayidlale yonke imidlalo yeSuperSport kanti uHunt ulindele ukuthi aqale ashaye amagoli njengoba ayenza besekwiWits.
“Muhle kabi kulezi nsuku. Ngomunye wabaholi beqembu, usenzela umsebenzi omuhle kabi futhi usazoba ngcono kakhulu. Ubengadlali izinyanga ngithi, eziyisithupha noma eziyisikhombisa. Mlinde aqale ashaye amagoli, lapho-ke nizombona kahle khona,” kusho uHunt.
Bebendawonye uHunt noHlatshwayo beqopha umlando ngokuhola iBidvest Wits inqobe isicoco sayo sokuqala seligi ngo-2016/2017.
IWits, engelinye lamaqembu amadala eNingizimu Afrika, idayisiwe ngo-2020.