AKUYONA into eyenza ukuba umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, asabe ukuvela kubantu ukuthi kwiNedbank Cup yangesizini edlule, ijezi uliwashiswe yiDondol Stars FC edlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng.
UHunt ukuveze lokhu izolo esithangamini nabezindaba eGoli, ngaphambi komdlalo wangoLwesibili we-Last 32 yeNedbank neCape Town City ozoba ngo-7 ebusuku eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
ISuperSport iphenduke ihlaya ngoFebhuwari nyakenye, iwashiswa ijezi yiDondol kodwa lokhu akumphethe kabi uHunt ozishaya isifuba ngezinqumo acabanga ukuthi zibe nomthelela ekutheni baphume kwiKe Yona yanyakenye.
Ngokusho kukaHunt, izolo ekomkhulu lePremier Soccer League (PSL), ushaywe yiDondol elinyalelwe abadlali abamqoka kanti abanye ubebongela imidlalo emqoka yeDStv Premiership yokuzifaka esigqokweni kweyase-Afrika.
“Angifuni kube sengathi ngibuyela emuva kodwa ngaleso sikhathi besizama ukuzifaka emidlalweni yase-Afrika (okuyinto esiyenzile). Ngakho-ke kunezinqumo esingazijwayele obekufanele sizithathe,” kusho uHunt.
“Yebo, besilinyalelwe ngabadlali futhi abanye sibongela imidlalo yeligi (obekufanele siqede kuyona endaweni yesibili kodwa sahluleka). Iqiniso wukuthi abadlali abadlale neDondol bekufanele banqobe ngokwami. Ngikusho lokhu ngenhlonipho kwiDondol.
“Yebo, bekungemnandi ukukhishwa ama-amesha kodwa konke ebesikwenza besibuswa wumqondo wokubeka iSuperSport phambili ngakho-ke uma kungathiwa angikuphinde engikwenze ngesikimu kwiDondol, ngingakwenza ngokukhululeka lokho,” kusho yena.
UHunt akangabazi ukuthi iCity izobanzima kubona kuneDondol kodwa lokhu ukubona kuyikhona okungconywana.
“Kusicacele kulokhu ukuthi sibhekene neqembu elinzima kwazise nangamaphuzu sicishe silingane ekubeni ngesonto elizayo sizobhekana futhi koweligi.
“Amanye amaqembu abukeka sengathi angcono ngokuhamba ibanga kwiNedbank kodwa kungabe kusabhekwa ukuthi aqhubeka nje, ahlula bani. Sesihlale kakhulu singadlali okungenye yezinto eyenza siwulindele futhi siwulungele lo mdlalo.
“Kungasho izinto eziningi ukuthi sibhekene neCity esiyazi ukusuka nokuhlala kodwa angikholwa ukuthi kukwenza kubelula kangako. Ngingasho ukuthi kungcono yize lokho kungasho ukuthi umdlalo uzobalula,” kusho uHunt ejobelela ngokuthi nakulokhu akanabo abadlali basemuva ngenxa yezizathu eziningi.