UZWAKALISE ukunengwa nokungagculiseki kwakhe ngezinye zezinqumo emdlalweni umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, ngemuva kokuba ezakhe zibambane ngo 2-2 neLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership.
ISuperSport iye ekhefini ihamba phambili ngamagoli amabili ka-Ime Okon noTerence Dzvukamanja, igcine icazelana ngamaphuzu neGolden Arrows emdlalweni obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoLwesithathu.
ISuperSport ebalwa namaqembu asembangweni wokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League noma iConfederation Cup ngokuphela kwale sizini, umphumela walo mdlalo uyihlehlisele endaweni yesihlanu kwi-log.
Ngakolunye uhlangothi, i-Arrows elwela ukuqeda kwiTop 8 lo mphumela uyihlehlisele endaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
“Bekufanele siwunqobe lo mdlalo kodwa igoli lethu liphikiwe, saphinde sancishwa nephenathi. Ngaleyo ndlela-ke bakwazile ukubuya (abe-Arrows) bathola amathuba amathathu basikhava kodwa ngisasho namanje igoli labo lesibili bekumele kube yi-throw in yethu kodwa unompempe wabona ngenye indlela. Pho-ke sizothini ? Ngidumele kakhulu,” kusho uHunt ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ngesiwombe sokuqala siwatholile amathuba asangawesebenzisa, nangesiwombe sesibili sidlale kahle, i-Arrows ibingeyona ingozi kithina, kwaze kwaba kwenzeka ngaleya ndlela okwenzeke ngayo. Kodwa sizoqhubeka silwe sibone ukuthi sigcinaphi.”
Ngakolunye uhlangothi, uSteve Komphela ongumqeqeshi we-Arrows uhlabeke umxhwele ngokubuya kwezakhe kungasabheke muntu.
“Ngijabule ngendlela esibuye ngayo ngesiwombe sesibili. ISuperSport emuva beyiqinile kunzima ukuyivula, ngakho sibone kufanele sishintshe indlela yethu yokuhlasela ngokuthi abadlali bethu basemuva ezinhlangothini bahlasele baye phambili sibavule ezinhlangothini. Lelo qhinga lisebenzile sakwazi ukuthola amagoli. Empeleni sidlale kahle, yize ngingagculisekile ngamaphutha esisenawo emuva. Indlela esingenelwe ngayo ngamagoli esiwombeni sokuqala ayingigculisi neze, ngoba le nto yama-free kick sihlale siyisebenza njalo ejimini.”
Ube esencoma umgadli wakhe, uLungelo Nguse ongene ngesiwombe sesibili washaya igoli lokulinganisa.
“UMbesuma (isidlaliso sikaNguse) ngumgadli obukhali, unamandla, uyashesha futhi uyakwazi ukuqedela phambi kwamapali njengoba ekhombisile kuleli goli lesibili alishayile.
“Ngisho nangaphambi kokuthi ngifike mina ubewashaya amagoli. Kudingeka nje ukuthi sisebenze naye lapha nalaphaya ukwenyusa nezinga lokuzethemba kuyena, ukuze asishayele amanye amagoli.”
Lo bekungumdlalo wesithathu kaKomphela esebhentshini laBafana Bes’thende, asenqobe nabo imidlalo emibili ilandelana.
Nokho, Abafana Bes’thende bazothola inselelo edle ngokuqina njengoba beyodlala ekuhambeni nePirates koweDStv Premiership, e-Orlando Stadium, kusasa ngo-6 ntambama.