UMQEQESHI weSuperSport United, uGavin Hunt, uyayigxeka eyokuhlomisa izimbangi ngabadlali baleli qembu.
UHunt ubuyele kuMatsatsantsa a Pitori ezinyangeni ezedlule emuva kokuxoshwa kukaKaitano Tembo obehluleka ukuwina imidlalo. Ufike washintsha izinto, aqala ukuqoqa amaphuzu. Kuvalelwe ikhefu lemidlalo yeNdebe yoMhlaba iSuperSport ihlezi endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership.
Nokho akukhona konke okumjabulisayo uHunt kuleli qembu kwazise usabhekene nenkinga yokudayiswa kwabadlali engesinye sezizathu ezamenza walishiya eseliwinise isicoco seligi kathathu kulandelana phakathi kuka-2007 no-2010.
Iningi labadlali kule minyaka embalwa edlule, iSuperSport ibadayisele izimbangi iMamelodi Sundowns. Kulaba badlali kukhona unozinti uRonwen Williams, Grant Kekana, Sipho Mbule, Tebogo Mokoena no-Aubrey Modiba.
"Angizazi ukuthi ngizizwa kanjani ngendaba yokudayisela izimbangi abadlali bami. Akukhona ukuthi angikuthandi. Akufanele kwenzeke," kusho uHunt.
ISuperSport eyashiywa nguHunt eminyakeni edlule, yayibadayisa abadlali. Lokhu kwagcina kumdina, wakhala ngokuthi lokhu kwenza engakwazi ukwakha inqanawe yesikimu azowina ngaso amasizini amaningi elandelana. Kodwa yayibathenga abadlali kwamanye amaqembu aseMzansi nasemazweni angaphandle. Ngaphezu kwalokho, iSuperSport yayinyusela esikimini esikhulu abadlali abafika bazenzele igama kwiPremiership.
Nokho manje itshe seligaya ngomunye umhlathi kwazise iSuperSport ayisabathengi abadlali. Kunalokho iyabadayisa asebehola kakhulu ngenxa yokuhluleka ukubakhokhela. Lokhu kuqinisekiswe nayisikhulu esiphezulu seqembu, uStanley Matthews, emasontweni adlule kuleli phephandaba.
"Iqembu selishintshe kakhulu kunangesikhathi ngilapha. Kukhona abantu abambalwa engibaziyo kodwa lokho akusho lutho. Iqembu selihluke kakhulu. Nangokwemali lishintshile, ayisekho kangako. Kodwa akunankinga. Ngiwamukelile umsebenzi. Asibone ukuthi sizokwenza kanjani. Kuzofanele sizame abadlali abasebancane lapha nalaphaya. Kuzofanele sihlakaniphe emakethe," kusho uHunt.
ISuperSport kade ikhempe eThekwini, ngesonto eledlule, lapho idlale khona imidlalo yobungani namaqembu akulesi sifundazwe asezigabeni ezahlukene. Izicijela ukubuyela enkundleni ngoDisemba 30, isiyotholana phezulu neMarumo Gallants koweligi ekhaya. Emuva kwalokho, izobhekana neCape Town City, Lamontville Golden Arrows, Sundowns, Richards Bay FC neSwallows. Yonke le midlalo izodlalwa ngoJanuwari.
"Sizama ukusebenza isimo somqondo. Yilokho olubaluleke kakhulu njengoba uyazi imiqondo yabadlali baseNingizimu Afrika. Lokho kubalulekile. Kungasisiza esiwombeni sesibili sesizini. Sizowudinga lowo mqondo ngoJanuwari ukuze siwine imidlalo ngoba ithothene. Ngiyethemba ukuthi sizoshesha ukungena egiyeni," kusho uHunt.
"Lesi yisimo esingajwayelekile (sokudlala ngalezi zinsuku). Sijwayele ukudlala sigcine ngoDisemba 21, size sibuye ekupheleni kukaJanuwari, kwesinye isikhathi, sibuye ngoFebhuwari ngenxa ye-Africa Cup of Nations.
“Lokhu kuhluke kakhulu. Umqondo kufanele ube sesimeni njengoba bonke abantu besemaholidini. Emasontweni amabili adlule, sihlabe ikhefu lamasonto amabili. Yilowo ke uKhisimusi wethu. Kodwa kufanele kwenziwe ngendlela ehlukile. Wumbono wami lowo," kusho uHunt.