KUVELA negama lengwevu yomqeqeshi uGavin Hunt ohlwini lwabaqeqeshi abagaqelwe ngaMaZulu FC.
Isolezwe lihabule ngomthombo osondelene nabathatha izinqumo kuMaZulu ukuthi umengameli weqembu useke waxoxa noHunt, okuyimanje uphethe amatomu kwiSuperSport United ayisize yaqeda endaweni yesithathu kwiDStv Premiership.
Omunye umqeqeshi ovelayo kwabasekhaya, ngu-Eric Tinkler naye onenkontileka neCape Town City, nayo eqede ngenothi eliphezulu ngesizini edlule.
“UZungu useke wakhuluma noGavin Hunt ngoba umhalela impela futhi uyamazi-ke nawe uHunt ukuthi angazilungisa izinkinga zabadlali baMaZulu abasolwa ngokungaziphathi ngendlela. Yikho-ke nje ukuthi uHunt usanenkontileka neSuperSport kodwa kungenzeka noma yini,” kusho umthombo.
“NoTinkler kuyavela ukuthi umengameli useke waxoxa naye. Uyathanda futhi naye ukuza la (kuMaZulu) kodwa inkinga nje yikho ukuthi nakwiCity bayamthanda.”
Omunye umqeqeshi okuvela igama lakhe ukuthi uZungu uyalisikaza, nguMandla Ncikazi oyiphini lesibili likaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates, enqobe iMTN8 neNedbank Cup ngesizini edlule. Abanye abaqeqeshi abake bamataniswa naMaZulu, uManqoba Mngqithi, Luc Eymael no-Alfons Groenendijk waseNetherlands.
Ebuzwa ngalaba abaqeqeshi uZungu, ukuvumile ukuthi bakhona abaqeqeshi basekhaya nabase-Europe abaxoxa nabo kodwa wala waphetha ukudalula amagama abo.
Ukuvezile ukuthi uNcikazi selokhu achazwa yindlela ahola ngayo iLamontville Golden Arrows ngaphambi kokuthathwa yiPirates.
Kuvele nombuzo wokuthi ngabe bazimisele ukwenzenjani ngephini kwazise kuwumkhuba ebholeni ukubeka eduze nomqeqeshi, iphini elazi izinkambiso zeqembu njengoba kwenzekile ngoSiyabonga Nomvethe eduze kukaBenni McCarthy no-Ayanda Dlamini obelekelela uRomain Folz.
“Ekutheni ngubani esizombeka njengephini, ilele ekutheni siqede ngokuqasha umqeqeshi. Ake sithi nje sigcina siqasha umqeqeshi waseSpain, bese efika lapha ethi uzofuna umqeqeshi wangakubo njengoba ubona nje nowePirates (uJose Riveiro), uyayazisa eyokuthi bashaya ngoshuni waseSpain,” kusho uZungu.
“Angifuni siqashe iphini okuzothi uma sekusetshenzwa liphenduke isithunzi. Kubaqeqeshi esixoxa nabo, abanye bathi abanandaba nokuthi kuqashwa bani eduze kwabo.” Usuthu aluzange lumnikeze inkontileka u-Ayanda Dlamini okuphele isizini esebambe izintambo. UZungu uthe uhlulekile kwabebekelwe kona emidlalweni eyisithupha ayihlale ebhentshini. URomain Folz ubegudluziwe ezinyangeni ezedlule, naye useshiyile. Leli qembu libheka umqeqeshi nje lizodedela nabadlali abangu-11. UZungu akabashongo amagama abo ngaphandle kukaThabo Qalinge, Lehlohonolo Majoro noJody February obebolekwe kwiMamelodi Sundowns.