AKUMKHATHAZI ukusetshenziswa ezindaweni ezehlukene enkundleni umdlali we-Orlando Pirates, uDeon Hotto, okwazi ukuyibamba emuva naphambili.
Lo mdlali odabuka eNamibia (33) usezakhele ugazi kubalandeli beZimnyama ngenxa yokuba nomfutho umdlalo uqala uze uyophela.
Ngesikhathi ezikaMagebhula zinqoba iStellenbosch FC ngo 3-1 kowamanqamu eMTN8 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku, uHotto uqale umdlalo esiswini kodwa waphela esehlehliselwe emuva kulandela ukukhishwa kukakaputeni u-Innocent Maela.
"Bekungeyona into entsha noma engiyixwayayo ukudlaliswa lapha ngiqale khona ngoba yinto esiyenzayo uma sizilolonga. Yinto engikwaziyo ukuyijwayela kalula futhi uma sekufanele ngishintshele kwenye indawo akubi yinkinga,“ kusho uHotto. Kuya ngokubona komqeqeshi, uma efuna ngidlale phambidlana ngiyakwazi ukukwenza lokho, kanti uma efuna ngivale emuva ngisuke ngikulungele lokho.“
UHotto ungomunye wabadlali abambalwa bePirates asebenqobe iMTN8 kane eminyakeni emihlanu edlule, ngo-2020, 2022, 2023 nakulo nyaka. Wayekhona futhi ngesikhathi leli qembu liphakamisa indebe yeNedbank Cup ngesizini ka-2022/23 nangesizini edlule.
Uthe nakuba sebethathe izicoco eziningi kodwa kusasho lukhulu njengoba umqhudelwano ngamunye ufika nezinselelo ezehlukene.
“Indebe ngayinye inomlando wayo. Le ndebe yeMTN8 esiyinqobe manje iza nowayo umlando ohlukile ngoba sesibe ngompetha kathathu kulandelana. Yinto esingasoze sayikhohlwa,” kuqhuba lo mdlali.
"Kusho lukhulu kimina kwazise u-Okthoba yinyanga engizalwa ngayo. Ukunqoba le ndebe ngikuthatha njengesipho esisheshe safika ngaphambi kosuku lwami lokuzalwa. Siyazibongela kakhulu ngalokhu esikuzuzile kodwa kufanele sizithobe silungiselele eminye imidlalo neminye imiqhudelwano,” kuphetha yena.