UVICTOR Hlungwani, owayengunompempe kwiPremier Soccer League (PSL), uyaseseka isinqumo sikaThando Ndzandzeka obephethe umdlalo wamanqamu weNedbank Cup.
Kulo mdlalo obuseLoftus Versfeld ngoMgqibelo ebusuku, i-Orlando Pirates ikhale yemuka nendebe yeKe Yona emuva kokwehlula iSekhukhune United ngo 2-1. Nokho okususe inkulumo mpikiswano yiphenathi etholwe yiPirates yokulinganisa esiwombeni sokuqala, yavalelwa phakathi nguThapelo Xoki.
ISekhukhune ibihamba phambili ngegoli likaSibusiso Vilakazi.
Le phenathi idaleke emuva kokuthi uThembinkosi Lorch ethathe ibhola waqonda kuVictor Letsoalo obekade elele phansi ebhokisini samuntu olimele njengoba ubebambe umlenze.
ULorch ulikhahlelele ngakuLetsoalo ibhola lo mdlali weSekhukhune wazama ukulidlala ngonyawo, wasusa nesandla sakhe onyaweni wasiyisa ngasebholeni. UNdzandzeka nabasizi bakhe abazange bananaze bayikhomba iphenathi.
Lorch seals it to the highest bidder 👉Letsoalo
— SuperSport Football ⚽️ (@SSFootball) May 27, 2023
The Sea Robbers are back in this #NedbankCupFinal tie with a Thapelo Xoki penalty 🎯
📺 Stream live: https://t.co/TesYUfoDS5 pic.twitter.com/O3U1sIsqwQ
"Umthetho u-Law 3 uthi ibhola uma lishaye isandla noma ingalo ebhokisini ingekho endaweni yayo yiphenathi. Okwesibili uma ibhola lithintwe ngengalo noma ngesandla ebhokisini ngokwenhloso yiphenathi. Uma ubheka kahle umdlali obekade elele phansi usinwebile isandla ngenhloso yokuthinta ibhola. Lokho uphumelele ukukwenza. Leyo iphenathi engadingi ukuchazwa. Akumina oshoyo. Wumthetho. Akukhathaleki ukuthi umdlali ulele phansi noma umile. Esikubhekayo wukuthi isandla sakhe sisukile yini sayothinta ibhola. Unompempe uthathe isinqumo esiyisona ngokubeka iphenathi," kusho uHlungwani obezifikele mathupha egunjini lezintatheli emuva kwalesi sigameko wabheka umqulu wencwadi yemithetho.
UHlungwani waseLimpopo, osethimbeni eliqeqeshelwe ukusebenza kwe-Video Assistant Referee (VAR) e-Afrika, usehlaziya izinqumo zonompempe ohlelweni lwethelevishini iSoccer Zone kwiSABC.