UYIQALE ngegiya eliphezulu isizini entsha ye-Major League Soccer (MLS) umgadli ozitshwe kwiBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), uBongokuhle Hlongwane, odlalela iMinnesota United, yase-United States of America (USA).
UHlongwane osuke ebhentshini umdlalo usuyela ngasemaphethelweni ushaya igoli nje, sekungelesibili emidlalweni emibili yokuqala yale sizini.
Kulo mdlalo obungoMsombuluko iMinnesota inqobe ngo 2-0 kwiLos Angeles FC ekubeni kowokuvula isizini ngeledlule iwuwine ngo 3-2 kwi-Orlando City ekuhambeni.
Kufanele ukuba iyamjabulisa ifomu akuyona lo mgadli waseMgungundlovu yize iBafana iqhubekile nokumziba kwazise isekhempini lapho iyodlala khona emqhudelwaneni weFifa ohlelwe kwelase-Algeria.
Kubethusile abaningi ukusala ngaphandle kukaHlongwane kwiBafana ebiya kwi-Afcon ikakhulukazi sekuhoxe, uLyle Foster noLebohang Mothiba, ngenxa yezizathu ezehlukene.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uzeseke ngokuthi bese kuphele izinyanga ivalile isizini yabo kwi-MLS, benoNjabulo Blom, odlalela iSt Louis City ingakho ebashiyile.
UBlom ubegqamile eqenjini lakhe ngaphansi kwesandla, sikaBradley Carnell, okufakazelwa ukuthi udlale engu-30 yeligi ngesizini yakhe yokuqala ebibuye iphazanyiswe ukulimala.
Ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yokuzicijela ukuqala kwe-MLS phakathi kukaJanuwari noFebhuwari, uBlom akakaze abonakale ngenxa yokweqiwa isikimu nokuthinteka okwahlukene ngokusho kukaBroos kwabezindaba.
Emidlalweni yokuqala yale sizini lo mdlali waseDobsonville useqiwa isikimu okwenze kwangethusa ukusala kwakhe kulokhu kwiBafana ese-Algeria.
Njengoba isizini ye-MLS isiqalile izoqhubeka kuze kube u-Okthoba okuyilapho kuzophuma khona umakhonya.
Ngaleso sikhathi iBafana iyobe imaphakathi nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026. UHlongwane nangesizini edlule yeMLS ubeyiboniswa inethi njengoba eshaye ayisishiyagalombili eligi, wakha amahlanu.