SEBEVUMELENE neKaizer Chiefs uSifiso Hlanti, obalwa kubadlali baleli qembu abebephelelwa yizinkontileka ngoJuni 30.
Abanye yingwevu kanozinti, u-Itumeleng Khune nesilomo saseZimbabwe, uKhama Billiat, esisalokhu siqhume njalo isililo ngaye kubalandeli nasezinkakheni zeqembu.
Laba izinkontileka zabo ePhefeni beziphela ngoJuni 30 kanti uHlanti ubesenombandela yokwelulwa kweyakhe.
Ungqingetshe kodwa ube sekutheni kuvele ukuthi iChiefs iziqalile izingxoxo zokwelula inkontileka kodwa ibeka inkontileka eza nomholo owehlisiwe, ongaphansi kulo leli nxele ebeliwuhola.
Isolezwe Ngempelasonto nokho lixoxa nemenenja kaHlanti, uSizwe Ntshangase, obeyohlonza ithalente kwi-Engen Knockout Challenge, eSiripat Road Sportsfield, eThekwini izolo emini, ayifunanga ukwanda ngamagama kodwa yaqinisekisa ukuthi sebevumelene ngakho konke neChiefs.
“Engingakusho ngodaba lukaHlanti, wukuthi sesiqede konke neChiefs,” kusho uNtshangase.
Walile ukungena emathunjini esivumelwano sabo ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi basayine inkontileka entsha, hhayi ukwelula ngombandela wendala.
“Bese siphelile isikhathi sokusebenzisa umbandela ngakho kugcine kuvunyelwana ngenkontileka entsha ebuyekeziwe. Umbandela vele usuke ungeke usasebenza uma sekunje.”
Kubuzwa uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs, uvumile ukuthi sebeqedile nabadlali, eqinisekisa ukuthi bazomemezela ngoLwesihlanu lingakashoni.
“Asisebenzeli ekubikeni kwabezindaba ngakho ngeke sidalule izinto ezithinta iqembu kubo. Sizokwenza owethu umbiko namuhla (ngoLwesihlanu) kodwa-ke khona kuyiqiniso ukuthi kukhona osekuvunyelwene ngakho ngalabo badlali obashoyo (uHlanti noKhune),” kush uMaphsa.
Isimo sikaHlanti, uKhune noBilliat azifani. UBilliat usolwa ngokungalenzeli lutho iqembu laseNaturena kusukela efike kulo ngedumela, ethenjiwe emuva kokushisa izikhotha eletha izicoco okubalwa neChampions League kwiMamelodi Sundowns.
Ifomu yakhe ihlule ngisho eselandelwe i-CBD yodumo ehlanganisa noKeagan Dolly noLeonardo Castro kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Uphinde wahlushwa nawukulimala.