ISITOBHA seKaizer Chiefs, uSifiso Hlanti, sinethemba lokuthi bazogwema amaphutha abawenze emidlalweni yakamuva uma sebebhekene nezimbangi zabo, i-Orlando Pirates, kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto.
Lezi zingqungqulu zaseSoweto zizotholana phezulu eFNB Stadium ngoMgqibelo, ngo-3 ntambama.
Amakhosi afinyelele kulesi sigaba somqhudelwano ngokuthela phansi iRoyal AM ngo-2-1 kuma-quarterfinal, kwathi amaBhakabhaka adlula kwiDondol Stars ngo-5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo-1-1.
Iqembu lasePhefeni lizoya kulo mdlalo lisaneminjunju kulandela isibhaxu sika-2-1 elisithole kwiSwallows FC koweDStv Premiership ngoMsombuluko ntambama. Umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane, usakhala ngamaphutha asemuva avumela izimbangi ukuthi zishaye amagoli kalula.
IChiefs ibihlulwa okwesibili emidlalweni emithathu yeligi yakamuva, nokuyikhiphe embangweni wokudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
UHlanti obekhuluma izolo kwisithangami seChiefs, ebesivezwa bukhoma ekhasini layo kwiFacebook, uthe ngeke bayeke ukusebenza kanzima ekulungiseni la maphutha futhi ukholwa wukuthi bazokwenza okungcono uma sebebhekene nePirates.
“Amaphutha ayenzeka ebholeni kodwa kwesinye isikhathi kumele sizame ukugwema izinto ezifuze lezi. Kumele sibambisane sonke kulokhu. Siyawenza amaphutha futhi siyazama ukuwalungisa. Sazi kahle ukuthi ukudedela amagoli abhedayo akukuhle futhi sizoqhubeka nokuzama ukulungisa lokho,” kusho uHlanti.
"Kumele sizame ukubuyisa isithunzi sethu kodwa akumele sizifake ngaphansi kwengcindezi. Kufanele sibheke izinto ngendlela eyakhayo. Siyazi ukuthi ukudlala nePirates kuhlezi kuyimpi. Umdlalo okhethekile, hhayi kithina kuphela njengabadlali kodwa kuwo wonke umuntu ezweni.
“Siwubheke ngabomvu umdlalo, banezinhlelo zabo futhi nathi sinezethu. Kuzoba wumdlalo othokozisayo ozodlalwa ngesivinini esiphezulu kodwa sinethemba.
"Siyawazi umsebenzi osimele njengabadlali, sikhethe ukuzodlalela iKaizer Chiefs sazi ukuthi kunjani. Size kuleli qembu ukuzokwenza umehluko, asizelanga ukuzozijabulisa nje. Yebo, ibhola limayelana nobumnandi nenjabulo kodwa futhi kusemqoka ukwenza konke okusemandleni ethu. Kudingeka silekelele abaqeqeshi bethu ngokwenza izinto ezifanele futhi siqine ngokomqondo.”
Amakhosi agcina ukuphakamisa indebe ngesikhathi enqoba isicoco seligi ngesizini ka-2014/15 ngaphansi kukaStuart Baxter. UZwane uthe wonke umuntu oseqenjini uyazi ukuthi akwamukelekile ukuthi kuphele iminyaka eyisishiyagalombili benganqobi lutho. Uthe bazimisele ukuqeda leli shobolo kodwa kumele baqale badlule kwiPirates eshisa ingabaselwe kulezi zinsuku.
Ngaphambi komdlalo wayizolo neRoyal AM, ezikaMagebhula besezinqobe imidlalo eyisishiyagalombili ilandelana, okuhlanganisa eyisithupha yeligi nemibili yeNedbank Cup.
“Sonke siyazi ukuthi imidlalo efana nalena ihlezi inzima kuwo wonke umuntu, kunzima nokuqagela ukuthi kuzokwenzekani. IPirates yenza kahle kakhulu, izongena kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma. Esingakwenza ukungena emdlalweni sizimisele, siqinisekise ukuthi siyanqoba,” kusho uZwane.
"Sonke siyazi ukuthi awukwazi ukuthembela emlandweni. Okusemqoka indlela esizodlala ngayo nendlela iPirates ezodlala ngayo. Iqembu elingcono yilona elizonqoba. Lelo yiqembu elizokwakha amathuba liphinde liwasebenzise.
“Sigqemeke ingozi sihlulwa yiSwallows FC kodwa sesifundile sadlulela phambili, sesicabanga i-Orlando Pirates. Angicabangi ukuthi kukhona oweChiefs osuke ehlose ukuhlulwa ngaphambi komdlalo omkhulu, okuyiwona okufanele usinike ukuzethemba ngaphambi kokubhekana nePirates.
“Asikho isidingo sokuthi ngigqugquzele abadlali ngaphambi kwalo mdlalo olandelayo. IKaizer Chiefs isinqobe le ndebe amahlandla angu-19. Ngangikhona sidlala nePirates ngo-2006, sayinqoba kumaphenathi. Sizimisele ukuyinqoba okwesi-20, okungasho lukhulu emlandweni weqembu, kubadlali, abalandeli nawo wonke umuntu owe evuka naleli qembu.”
IChiefs yagcina ukufinyelela kowamanqamu weNedbank Cup ngo-2019, lapho yashaywa khona yiTS Galaxy ngo-1-0.
AmaBhakabhaka agcina ukudlala kowamanqamu alo mqhudelwano ngo-2017 nawo angaphumelela, ebhaxatshulwa yiSuperSport United ngo-4-1.