OWAYENGUMDLALI waMaZulu FC, uSiboniso "Jomo" Gumede, uphosele inselelo ozakwabo asebethole imisebenzi yokuqeqesha kwiPremier Soccer League (PSL) ukuthi bazibambe ziqine, ukuze kuzovuleka amathuba kwabeza ngemuva.
UGumede, odlale nakwiBidvest Wits, Platinum Stars, Mpumalanga Black Aces, usengumqeqeshi weRichards Bay FC eqenjini leDStv Diski Challenge. Ujoyine abanye abebedlala kwiDStv Premiership asebenikwe ithuba lokuqeqesha emaqenjini ePSL, okukhona kubona u-Ayanda Dlamini (AmaZulu), Surprise Moriri (Mamelodi Sundowns), Joseph Makhanya (Orlando Pirates), Japhet Zwane, Vusumuzi Vilakazi, Mabhuti Khenyeza, Musa Bilankulu beLamontville Golden Arrows noMorgan Gould osanda kwenyuselwa esikimini esikhulu kwiSekhukhune United.
Ebhentshini leBay, uGumede usizana noSibusiso Msomi ayedlala naye kwiDikwena eseyashalala. Eminyakeni edlule, abadlali asebegaxe amakhokho emgibeni esigabeni esikhokhelayo, kade bekhala ngokunganikwa ithuba lokuqeqesha.
"Kunoshintsho olukhulu manje. Akusafani nakuqala. Angazi ukuthi wubani othathe isinqumo sokuqala ushintsho, asinike ithuba. Manje kusezandleni zethu ukuthi sisebenze ngokuzimisela, siqhubeke nokufunda. Uma senza kahle kuzovuleka iminyango nakwabasilandelayo. Abaphathi bamaqembu bazosethemba. Manje uma uya enkundleni wuyazi ukuthi uzohlangana nomuntu owawudlala naye, nabelana ulwazi nikhulisane," kusho uGumede.
Iligi yeDiski Challenge igqamise amakhono abaqeqeshi abahlukene, okukhona kubona u-Arthur Zwane osepheka isikimu esikhulu seKaizer Chiefs. Omunye nguDaine Klate osebuya ekuqeqesheni isikimu esikhulu seChippa United.
"Iningi labaqeqeshi abasebholeni lifuna ukuyoqeqesha kwiPremiership. Nami ngiyafisa ukuthi ngifike khona ngelinye ilanga. Kodwa ngizimisele ngokufunda kwabaphezulu kunami ukuze ngifike khona sengikulungele. Ibhola liyashintsha, ngakho lifike ithuba ngililungele. Lapha kwiBay ngincela ulwazi kubaqeqeshi besikimu esikhulu futhi bayangeseka ngakho konke. Ngiyakubonga kakhulu lokho. Abanakho ukuthi ngoba ngidlale kwiPSL, ngizothatha imisebenzi yabo. Bangisiza ngakho konke engikudingayo, ukuze ngikhule ekuqeqesheni," kusho uGumede.