USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi uveza ukuthi abamkhululanga uThamsanqa "Gandaganda" Gabuza ngenxa yecala lezinsolo zokucekela phansi impahla nokuhlukumeza owesifazane, kepha bamdedele ngenxa yokuthi ubengekho ezinhlelweni zomqeqeshi.
UGabuza (36) waseNewcastle ujoyine iThe Rockets ekuqaleni kwale sizini ephuma kwiSuperSport United abesehlale kuyo amasizini amane.
Wayekade efika kuMatsatsantsa esuka kwi-Orlando Pirates, ayeyijoyine ngesizini ka-2013/14, wahamba ngeka-2018/19.
Kungakapheli sikhathi esingakanani efike kwiGalaxy nyakenye, ngasekupheleni kukaNovemba, uchithe ubusuku ejele ngenxa yecala lezinsolo zokuhlukumeza ayethandana naye.
Ubuye wathweswa elokulimaza impahla yenani lika-R50 000. Uphume ngebheyili ka-R3000. Uzobuyela enkantolo ihlandla lesihlanu ngoLwesine lukaMashi 28.
Ngemuva kokuboshwa kwakhe, uSukazi watshela leli phephandaba ukuthi bazomeseka uma edinga usizo. Ngeke bamumise emsebenzini, uzoqhubeka nokuba ingxenye yeqembu.
NgoJanuwari kube sekuvela ukuthi seligqashukile ifindo lo mshado phakathi kweGalaxy nalo mdlali.
Kube nokukhuluma okwahlukene abanye bethi uxoshwe ngenxa yaleli cala. Enkulumweni uSukazi abenayo neSolezwe uveze ukuthi ufuna kucace ukuthi abamdedelanga ngenxa yaleli cala.
Uthe bamkhulule ngenxa yokuthi ubengasekho ezinhlelweni zomqeqeshi, uSead Ramovic.
"Umgomo weqembu lethu awusivumeli ukugxambukela ezindabeni zangaphandle zabasebenzi. Yingakho uGabuza singamumisanga emsebenzini.
“Sivumelene naye ngokunqamula inkontileka ngoba engenayo indawo eqenjini. Abantu abanga nabo ijezi, uSamir Nurkovic noLehlohonolo Mojela abawenza kahle umsebenzi wabo," kubeka uSukazi.
Uqhube wathi: "Empeleni besisiza yena uGabuza. Akukuhle ukuthi umdlali osekhule njengaye nosesondele ekugaxeni amakhokho emgibeni angadlali. Simdedele ngoba sifuna athole iqembu azodlala kulo kusenesikhathi.“
Ngesikhathi uGabuza ejoyina iGalaxy abemakhulu amathemba okuthi uzolithola ijezi ngaphansi komqeqeshi uRamovic. Uhambe engakashayi goli emidlalweni eyisishiyagalombili.