KUNGENZEKA iKaizer Chiefs izithole iphunyukwa unyazi lomgadli, uRanga Chivaviro, okuthiwa usefunwa uthuli iqembu laphesheya okuvela ukuthi lizimisele ukukhipha itshe le mali ngaye.
Nakuba uChivaviro (30) ehlulekile ukusindisa iqembu lakhe, iMarumo Gallants ezembeni kwiDStv Premiership kodwa kulezi zinsuku uyindaba egudwini ngenxa yokungalibheki ipali.
Ulime indima enkulu iGallants ifinyelela kowandulela owamanqamu eCaf Confederation Cup. Uyishayele amagoli ayisikhombisa emidlalweni eyishumi.
KwiDStv Premiership unamathisele enethini ayishumi, kwewu-19.
Ngemuva kokuthi ezakhe ziwashiswe ijezi iYoung Africans yaseTanzania kowandulela owamanqamu eConfederation, kuvele inqwaba yamaqembu amfunayo uChivaviro. Kuvele igama layo iYoung Africans nomkhaya bayo i-Azam. Kuqhamuke nawezinkunzi zase-Egypt, iPyramid neZamalek.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi Amakhosi asejoyine umbango walo mdlali.
Ngokusho komthombo, kulindeleke ukuthi maduze Amakhosi ahlangane nomphathi wezindaba zalo mgadli ofike kwiMarumo ekuqaleni kwesizini ka-2022/23 ephuma kwiVenda Football Academy. Usayiniswe nguRomain Folz osekuMaZulu FC.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi la maqembu (okuhlanganisa neChiefs) ukuthi athole lo mgadli. Kuthiwa kuneqembu laseQatar, elibeke itshe lemali etafuleni.
"Isibonelo nje, iYoung Africans seyivele yayikhohlwa indaba kaRanga. Abaphathi bayo babambe amakhanda umphathi wezindaba zakhe ebatshengisa imali leli qembu laseQatar elizimisele ukuyikhipha ngaye. Kwisizini eyodwa elifuna ukumsayinisa yona, liyiphinda kathathu imali iYoung Africans ebizimisele ukuyikhipha. Anginasiqiniseko ngalawa amanye amaqembu ase-Egypt.
"Uma ngempela iChiefs imfuna lo mgadli kuzomele ingene iqinise ephaketheni. Ngesingami uRanga uzobe egijima eQatar ngesizini ezayo," kubeka umthombo.
U-Arafat A Haji oyiphini likamengameli kwiYoung Africans, ukuvumile ukuthi basezithendeni zalo mdlali kodwa wangafuna ukwenaba.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uhlangothi lweChiefs izolo. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uBobby Motaung oyimenenja yeqembu engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona.
Imenenja kaChivaviro, uHerve Tra Bi weTNB Sports, icele ukuthunyelelwa imibuzo nge-WhatsApp, nokho kuze kwayoshicilelwa ingakabuyeli kuleli phephandaba nezimpendulo.
Ngesikhathi efika uChivaviro kwiMarumo usayine inkontileka yesizini eyodwa enombandela wokuvuselelwa ngonyaka.
NgeSonto, emcimbini wokuklomelisa abadlali baleli qembu, umnikazi walo u-Abram Sello, ucashunwe ethi ukwehlikela kwabo ehlathini kubaphoqa ukumdedela lo mgadli.
Emcimbini ofanayo nalo mgadli uthe usekulungele ukudlala ngaphandle kwakuleli nase-Afrika jikelele.
Uthe kuyisibusiso kuye ukuthi kunamaqembu angaphandle akubonayo ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla.
"Mayelana namaqembu angifunayo ngizokubeka emahlombe emenenja yami. Okwamanje ngifuna ukuya ekhaya, ngihlale nonkosikazi nendodakazi yami. Okokuthi ngizodlala kuphi ngesizini ezayo ngizokuzwa ngemenenja. Ibe yinhle kakhulu isizini esiphuma kuyo. Bengingakwazi ukushaya amagoli amaningi kodwa kwangenzeka," kubeka uChivaviro