Uqweqwe lomqeqeshi wamahhashi, uZuthu Gamede (67), luveze ukuthi lwenqaba izigidi kobefuna ukuthenga uMbayimbayi ongelinye lamaduna athishwa ukudla umhlanganiso emjahweni omkhulu kwiDundee July ezoba ngoMgqibelo.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta uGamede, limbuza kabanzi ngoMbayimbayi uvele wafa yinsini, wase ecula ingoma yodumo yeziNkabi Zezwe, ethi Umbayimbayi.
"Ngiyonquma kwasani kwiDundee July. Ngikhuluma nawe nje, abafana bayampholisha uMbayimbayi, naye uyaviva. Ukube uyakhuluma ngabe uthi woza Mgqibelo ngibatshengise ukuthi ngiwubani," kuphawula uGamede efa yinsini.
Ngesikhathi kwethulwa izinhlelo zalo mjaho ozobe uhambisana nombukiso wengqephu, uMbayimbayi ubalwe namahhashi athishwa ukudla umhlanganiso.
Isiteki salo nyaka emjahweni wosuku u-R300 000. Omunye obhekwe ngabomvu ngabalandeli bomtelebhelo, ngoka-Under 12.
Kulo nyaka uMbayimbayi usenqobe iNkandla May, wadlala umhlanganiso eNquthu naseLesotho. UGamede utshele Isolezwe ukuthi ezinsukwini ezedlule unqabe isamba sika-R4 million kobefuna ukuthenga uMbayimbayi.
Nakuba engathandanga ukusho igama lalo muntu kodwa uthe usembonini yawo emahhashi. Uphinde abe usomabhizinisi kweminye imikhakha.
"Usemncane kabi uMbayimbayi ukuthi ngingamdayisa ngo-R4 million. Ngaye ngisazokwenza imali engaphezulu. Kule minyakana embalwa nginaye, sengenze imali ecela esigidini yamarandi," kuqhuba uGamede.
Ngaphandle kukaMbayimbayi oneminyaka emihlanu, uGamede uthe uzobe ebophele noHulumeni ozogijima emjahweni wesine, uKhulumani uzoba kowesihlanu noCarvela okowesithupha.
Wonke la mahhasi agitshelwa indodana yakhe, uMelusi.
UGamede ubuye wathi ubophele nendodakazi yakhe, uGcinile ozobe eqhwakele u-Advocate naye oyiduna.
Uthe nakuba uMbayimbayi ezobe eqala ukugijima emjahweni wosuku kodwa umbona edla umhlanganiso.
"Sengibalile, ngoMgqibelo u-R300 000 uzolala kwaGamede. Kuseza nesamba esifanayo saseKing Cetshwayo. Miningi imijaho eseza, ubani owaziyo, mhlawumbe lo nyaka uzophela ngimnandi ephaketheni.“
Utshele leli phephandaba ukuthi uziphilisa ngamahhashi njengoba ebuye awadayise futhi unezinkomo namatekisi.
"Kuyaphileka ngamahhashi, ungabamba ongenzansi uma ngingakutshela ukuthi sengizuzeni ngawo. Nginxusa abantu bakuleli ukuthi bangene kuleli bhizinisi," kubeka uGamede.