UPABLO Franco, umqeqeshi omusha waMaZulu FC, uthembisa ukuthi luzocaca ngemidlalo yokuqala uhlobo lwebhola oluzodlalwa yiqembu lakhe.
Lo mqeqeshi waseSpain oqanjwe igama likaCijimpi ngenhloso yokuthi alilandele ngemiphumela yobuqhawe, unikwe iminyaka emithathu eqeqesha eqenjini laseThekwini.
“Lokhu okwenziwa yiqembu (ukuqala kabusha zonke izinhlaka) nokunginika ithuba njengenhloko yabaqeqeshi, kusho ukuthi bayangethemba ukuletha imiphumela emihle kodwa-ke kwesinye isikhathi lokho kuthatha isikhathi esijana okunalokhu abantu abasuke bekulindele,” kusho uFranco.
“Ebholeni ufuna ukunqoba namuhla, kusasa nangosuku olulandelayo kodwa le ligi inombango oshubile. Akubuzwa ukuthi kuzoba nezikhathi ezimbi nezinhle. Nokho nginesiqiniseko sokuthi ngosuku lokuqala kuzobonakala iqembu elisha.
“Iqembu elinentshisekelo entsha nezifiso ezintsha nesizozama ukukugcina isikhathi eside.
UFranco ufikela ehlazweni hhayi nje kuMaZulu kodwa nakomkhaya bawo baKwaZulu-Natal.
Amaqembu aseKZN azithele ngehlazo ngesizini edlule ngokuthi ethi emahlanu kodwa ahluleke wonke ancame ukungena kwiMTN8.
Akugcinanga lapha, kusongwe isizini sekuvalwe amehlo emathathu anukelwa yizembe neligcine ligojele iMaritzburg United.
KuSuthu, uFranco ubhekene nenselelo yokuqeda ukhondolo lokungahlali kwabaqeqeshi nazokuzuza kuphela ngokufaka iqembu kwiTop 4, okungumgomo awubekelwe.
UZungu eqasha uFranco waveza ukuthi uzomnika inkululeko yokuziqashela abasizi bakhe nokuzisayinela abadlali.
Ufike nokho eseqashelwe umsizi wokuqala, uSiboniso Vilakazi (njengokubika kwaleli phephandaba ngempelasonto eyedlule).
UZungu uveze ukuthi basaqedela izingxoxo nephini lesibili likaFranco.
UVilakazi, obeyiphini lika-Ayanda Dlamini bevika izembe emuva kokuhlehliswa kukaRomain Folz, nguye owamukele abadlali bebuya emaholidini futhi nguye obebalolonga kula masonto amabili bebuyile.
UFranco, oza negama lokuthi uke waba yiphini likaJulen Lopetegui kwiReal Madrid, uthe usekubheke ngabomvu ukuqala amalungiselelo okuqala kwesizini.
“Amalungiselelo okuqala kwesizini, ngenye yezinto ezimqoka kakhulu ngoba yilapho oqala khona ukwakha uhlaka yize usuke ungadlali imidlalo esemthethweni,” kusho uFranco.
“Okwamanje okumqoka wukuphusha nokwazana nesikwati ukuze ngokuhlanganyela sakhe iqembu lebhola eliqinile, elinezinkambiso zokusebenzisana njengomndeni.”
UFranco uthe uyalijabulela igama likaCijimpi futhi uZungu umchazelile ukuthi lisukaphi nokuthi lisho ukuthini. Uthe lizohambisana kahle naye ngoba uzibuka njengomuntu vele oyibutho.