IREKHODI laMaZulu FC ePolokwane, ngaphambi kokudliwa yizembe kwePolokwane City, libeka ingcindezi esithebeni somqeqeshi wawo uPablo Franco.
AmaZulu azogasela kwiCity ngoMsombuluko ngo-3 ntambama koweDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium.
Yize AmaZulu esendaweni yesikhombisa ekubeni iCity isendaweni ka-14 kwilog kodwa kuzobe kubhekene amaqembu angehlukene kangako.
Lokho kusukela ekutheni yize amaqembu eqhelelene ngezindawo eziyisikhombisa phakathi kwawo kodwa womabili ebhodini asanqobe imidlalo emibili kuphela ngokwehlukana.
Okumboza iCity wukuthi yonke kulena eminye emithathu imidlalo, yehluliwe nokuyenza ibe namaphuzu ayisithupha angashetshwa nalutho.
Lokho kwenza iCity isale ngamaphuzu amathathu oSuthwini oseludlale imidlalo eyisithupha, nokungowodwa ngaphezu komakoti.
Yikho konke lokho uFranco okuzofanele akuqaphele ngaphambi kokubukela eduze irekhodi lezakhe, uma zivakashele ePolokwane.
Emidlalweni eyisithupha AmaZulu evakashele ePolokwane, asanqobe owodwa vo. Ahluliwe kwemibili kodwa kuzomjabulisa ukuthi kwemithathu abuye nephuzu.
Usuthu luya ePolokwane, nomgqigqo omuhle emuva kokubuya namaphuzu agcwele ngendlela ebingalindelekile kwiCape Town City ngeledlule.
AmaZulu ashaye amagoli amathathu kwelaseKapa, nokuwenza anqoba ngo 3-2. Amagoli amabili ashaywe nguJunior Dion, ongene ngesiwombe sesibili nobedlala okokuqala kule sizini, yiwo azonika uFranco ilunda.
UDio uselindelwe abe yisisombululo samagoli kuFranco, obhekene neshwa lokungabatholi abagadli.
Kuzokhumbuleka ukuthi AmaZulu asanda kuchitha uVincent Oburu waseKenya obesenamasonto ehlolwa eqenjini laseThekwini.
Ngaphambi kwakhe, kuchithwe uYakhouba Barry waseGuinea, naye ongumgadli, emuva kokuzilolonga amasonto neqembu.
Akugcini lapho kwazise kusekhona inzukazikeyi kaVictorien Adebayor waseNiger, okunobungozi ukuthi kugcine kufikiswene kwiFifa ngodaba lwakhe kwazise wasayiniswa eqenjini laseThekwini kodwa akafi.
Ekuqaleni ibizwakala indaba yokuthi ubanjwe wukungawatholi amaphepha (ivisa) yokuwelela eMzansi.
Nokho sekuke kwavela nokuthi inkinga isingakuye ngoba ufuna ukufuduka nomndeni wakhe nokuyinto efanayo neyenza bandikila eDenmark, eminyakeni eyedlule.