UNETHEMBA lokuthi sekusele kancane izinto zilihambele kahle iqembu lakhe iBurnley umgadli weBafana Bafana, uLyle Foster, ngemuva kokulishayela igoli lokuqala lesizini ka-2023/24 ye-English Premier League(EPL).
UFoster (22) ujoyine iClarets ngoJanuwari ngaphambi kokuthi inyukele esigabeni esiphezulu ngokudla isicoco sesigaba sesibili sase-England, iSky Bet Championship.
Ngempelasonto lo mdlali owake wagijima kwi-Orlando Pirates, ushayele iBurnley igoli lokubika ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ngesikhathi lithelwa phansi yi-Aston Villa ngo 3-1 eTurf Moor.
Leli bekuyigoli layo lokuqala kule sizini ngemuva kwesibhaxu sika 3-0 esithole kwiManchester City kowokuvula.
Ngokushaya leli goli uFoster ube ngumdlali wesishiyagalolunye waseNingizimu Afrika ukushaya igoli kwiPremier League elandela ezinyathelweni zezinkakha ezifana noBenni McCarthy, owahlohla amagoli angu-37 kule ligi, Shaun Bartlett (24), noSteven Pienaar (22).
Abanye bakuleli abake balibeka enethini kwiPremier League nguPhilemon Masinga (5), Quinton Fortune (5), Mark Fish (4), Eric Tinkler (2) noMbulelo Mabizela, owashaya igoli elilodwa esengumdlali weTottenham Hotspur.
UFoster uphinde waba ngumdlali wokuqala wakuleli ukushaya igoli kule ligi selokhu kwagcina uPienaar ngo-Okthoba 2013 ngesikhathi ezakhe i-Everton zibhekene neHull City.
Yize uPercy Tau edlale imidlalo emithathu kwiBrighton and Hove Albion ngesizini ka-2020/21, igoli lokubika alishayele leli qembu laqhamuka emdlalweni wobungani neLuton Town.
“Ngithanda ukubonga uNkulunkulu. Ngijabule kakhulu futhi ngizizwa ngikhethekile kakhulu. Akumnandi kahle njengoba singawunqobanga umdlalo kodwa ngiyajabula ukuthi ngishayele iqembu igoli lokuqala selokhu libuyele kwiPremier League,” kusho uFoster ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
IBurnley ayikaqoqi amaphuzu emidlalweni emibili yeligi esayidlalile futhi isendaweni ka-18, ngaphezulu kweLuton ne-Everton, nabo abasagingqa amaqanda.
Umdlalo wayo olandelayo weligi uzoba sekhaya neTottenham Hotspur ngeSonto.
“Ngiyalethemba kakhulu leli qembu, abadlali bonke nabaqeqeshi, futhi sengilinde ukuthi sifike isikhathi sethu sokuzibonakalisa. Siyiqembu elisha kodwa siyahlangana manje. Siqukethe abadlali abanekhono elingakholakali yize iningi kungabadlali abasebancane,” kusho uFoster.
"Ngicabanga ukuthi sisangakhula sibe ngcono futhi yilokho engikubheke ngabomvu," uphethe kanje.