UMQEQESHI waMaZulu FC, uRomain Folz, akaneme ngakubize ngokuphisana ngewini kwabagadli bakhe behlulwa yiTS Galaxy ngo-2-1, emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto.
Usuthu, oseluphumile kwi-Top 8 ngenxa yokulahla amaphuzu, lukhale ngaphansi kusaphele amahora ambalwa abaphathi, bemangaze iningi, belula inkontileka kaFolz ngeminyaka emithathu.
Inkontileka yalo mqeqeshi waseFrance ayisayine ngo-Okthoba nyakenye, izophela ekupheleni kwesizini. Inkontileka entsha ezoqala ngesizini ezayo, izophela ngesizini ka-2025/26.
Usuku obekufanele kube ngolokubhiyoza kuFolz luphenduka olokudinwa nokudideka. Wakhala ngobuntuthu babagadli bakhe.
"Emabholeni angu-16 esiwathumelile, mabili kuphela aqonde emapalini. Bona bathumele amane, amabili aqonde epalini kodwa bashaya amagoli amabili. Besizithola esimeni sokuba yingozi kodwa sihluleka ukuqedela amathuba ngenxa yokuba buthuntu. Akekho okufanele simgxeke kodwa thina uqobo. Siyababongela ngewini kodwa ngiyakholwa ukuthi sibaphile ngaphezu kokuba beyisebenzele. Yiphutha lethu," kusho uFolz.
"Kungokunye ukungawatholi amathuba emdlalweni, mhlawumbe ukhahlelele ipali kabili futhi ungalitholi igoli. Kodwa ukuthola amathuba esiwatholile, sishaye phakathi elilodwa, akwamukelekile. Bengizokwamukela kalula ukwehlulwa ukuba iqembu ebesidlala nalo belingcono kunathi, likhahlelele ipali kawu-20, lingcono kunathi ngakho konke. Kodwa akunjalo. Sibaphile iwini ngenxa yokwehluleka kwethu."
Ukwehlulwa kukaFolz yiGalaxy akubuzwa ukuthi kuzomfakela ingcindezi kubalandeli kwazise bekuvele kukhona abazwakalise ukungenami ngokunikwa kwakhe inkontileka entsha eqede amahlebezi ngokubuya kukaManqoba Mngqithi, obekhonjwa Osuthwini njengoba naye kubikwa ukuthi iyaphela ngoJuni inkontileka anayo neMamelodi Sundowns.
"Kunzima ukwamukela ukwehlulwa, hhayi ngenxa yenkontileka noma okunye. Wukuthi besizibeka esimeni sokushaya amagoli kodwa sihluleka. Angeneme ngabagadli namuhla. Uma ngehlulwa emdlalweni ozayo noma kwemibili, abantu bazoqala ukufuna ngixoshwe futhi. Ibhola linjalo. Akukhathaleki ukuthi inkontileka yakho ithini," kusho uFolz.
"Ngilindele ushintsho kubadlali. Angizile lapha ukuzobafundisa ukukhahlela ibhola lingene enethini. Emayadini ayisihlanu ukusuka epalini kufanele ukwazi ukulishaya liqonde khona. Ngakho sizokwenza isiqiniseko sokuthi bayakuqonda lokho. Ningangizwa kabi, bonke abagadli basezingeni lokuthi bebengawashaya amagoli amabili kulo mdlalo. Ngakho angibabukeli phansi. Angisho ukuthi bangabadlali ababhedayo. Kodwa kufanele bazibhekisise ngoba okwamanje akwanele esikwenza ebhokisini."
AmaZulu azobuyela enkundleni ngoMgqibelo ebusuku eseyobhekana noRoyal AM kowabakhaya wePremiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.