KUMAZULU FC, umdlalo weDStv Premiership neMarumo Gallants oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo 8 ebusuku, ungukhiye ekutheni bazoba nesizini eyimpumelelo noma embi.
Okwenza lo mdlalo ubalwe kwemikhulu ukuyedlula yonke leli qembu elizoyidlala kule sizini, wukuthi baya kuwo beshayela phezulu emuva kokufohloza iKaizer Chiefs ngo-4-0 ngeledlule.
Umphumela omkhulu njengalowo, unobungozi bokudala ukunethezeka kubadlali kodwa futhi ukunqoba kwiGallants, kungasho ukubamba umgqigqo omuhle ongaweza iqembu ngelibanzi.
“Siyazi akuzuba ngumdlalo olula ngoba bayiqembu elihle kodwa kumele sibe sizilungiselele,” kusho uFolz ngokubhekana neqembu afikele kulo eNingizimu Afrika, ekuqaleni kwesizini.
“Yonke into yenzeke ngendlela yayo. Ngishilo nangesonto eledlule ukuthi asikafiki lapho sifuna khona. Akusiwo nje, lo mdlalo kuphela esibhekene nawo engifisa sishintshe kuwo indlela esenza ngayo kodwa ngokufanayo nakweminye elandelayo. Ngilindele sidlale kahle sithole nomphumela omuhle.”
Lo mqeqeshi uyikhuze wayikhahlela ngazo zombili eyokuthi abadlali bakhe bavumele ukunethezeka emuva kokubamba inyamazane enkulu kwiMpofana.
“Abanalo (abadlali) ilungelo lokujabula kuze kweqe. Yiligi le, yonke imidlalo kumele uyidlale ngokuzinikela. Akufanele ujabule kuze kweqe uma unqobile noma uphatheke kabi ngokwedlulele uma wehluliwe,” kusho uFolz ogcizelele ngokuthi kufanele uhlezi ukhombisa izinga lokuzimisela elikhulu ngaso sonke isikhathi.
UFolz uphinde waveza nokuthi ukaputeni wabo, uMakhehlene Makhaula, uyalulama kahle emuva kokuphuma ngohlaka maphakathi nesiwombe sokuqala ngeledlule.
“Kungenzeka simdlalise kule mpelasonto (namuhla) kodwa kuzoya ngokuthi ngihlela ukuhlasela nokumaka kanjani. Maningi amathuba okuthi adlale,” kusho uFolz.
IGallants ilwela ukusuka emsileni kwazise kuvalwe ngayo emsileni ngamaphuzu angu-14.