UMQEQESHI waMaZulu, uRomain Folz, uhlabeke umxhwele ngonozinti omusha uJody February.
UFebruary, obolekwe wuSuthu kwiMamelodi Sundowns, uvimbe okokuqala ngesikhathi leli qembu likhipha iTornado FC kwiNedbank Cup Last 32 ngempelasonto edlule.
Nokho ulilande kabili ibhola enethini emzuzwini emibili esiwombeni sesibili.
UFebruary ijezi ulibanga noVeli Mothwa, oselibambe isikhathi eside nokuholele ekuceleni ukubolekiswa kukanozinti weqembu lesizwe laseGabon, uJean-Noel Amonome, osekuThongathi kwiMotsepe Foundation Championship.
"Ngicabanga ukuthi udlale kahle. Indlela abephaka ngayo amabhola kade isezingeni eliphezulu kakhulu. Angimangali, bengikwazi engizokuthola kuye. Kumnandi ukwazi ukuthi sinombango omuhle wejezi konozinti,“ kusho uFolz.
“Umbango wejezi konozinti uhlala uhlomulisa abadlali. Uma ubheka kubona bonke abadlali enkundleni, bakhona ababanga nabo.
“Emuva kwesokunxele kukhona uHanamub (Riaan) noMabiliso (Sibusiso). Uma ubheka maphakathi emuva kunoRama (Ramahlwe Mphahlele) noZulu (Veluyeke). Bonke abadlali banabo ababanga nabo ijezi, "kusho uFolz.
Ngaphandle kuka-Amonome, ukuthola ijezi njalo kukaMothwa kugcine kuxoshe noNeil Boshof ofike wabhekana nesimo esifanayo kuSalim Magoola kwiRichards Bay United. Unozinti osemncane u-Olwethu Mzimela, ugcine ebuyiselwe eqenjini leDStv Diski Challenge.
UFolz uthe phakathi kukaMothwa noFebruary uzovimbisa okulungele ukudlala ngaleso sikhathi.
"Ngizokwenza njengoba ngihlala ngenza ngezinye izindawo. Noma ngubani engicabanga ukuthi uzonginika okungaphezulu, uzodlala,“ usho kanje.
“UVeli ubevimba kahle kakhulu. Akukho okungaphezulu engingakucela. Uma nginonozinti ababili abahle, abanginikeza okuningi, kuwumsebenzi wami ukuthatha isinqumo (mayelana nozodlala).”
AmaZulu azobuyela enkundleni neTS Galaxy koweDStv Premiership ngoMgqibelo, ngo-8 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.