UMQEQESHI osanda kuqokwa kuMaZulu, uRomain Folz, uyazethemba ukuthi unawo amasu okubuyisela eqembu emzileni ofanele, yize kukhona abangabaza amagalelo akhe.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-32 umenyezelwe ukuba ngumqeqeshi omusha woSuthu, ngeSonto, ethatha indawo kaBrandon Truter, ohlukane neqembu ngesonto eledlule ngenxa yemiphumela engemihle.
Uke wasebenza eyiphini lomqeqeshi e-Uganda, Egypt naseFrance waphinde waba wumqeqeshi omkhulu e-United States, Ghana naseBotswana.
Ube sematheni ngesikhathi eqokwa yiMarumo Gallants ekuqaleni kwesizini lapho ehlale khona imidlalo emihlanu kuphela walishiya iqembu engakanqobi nowodwa.
Kushayisane imibono kubalandeli boSuthu ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi emenyezelwa. Kodwa uyazethemba ukuthi uzoliqeda ishobolo lokunganqobi emidlalweni emihlanu edlule.
“Angizinaki izinto ezikhulunywa ngabantu. Leli yithuba eliyingqayizivele lokuveza umsebenzi wami. Kuwuphawu futhi ukuthi engikwenze eqenjini eledlule kudonse amehlo abanye abantu,” kusho uFolz.
“Kuyintuthuko kimina ngoba leli yiqembu elinomlando omude. Ngicabanga ukuthi kwenziwe ukuthi iqembu liyazi ukuthi lifunani kule sizini namasizini alandelayo.
"Babeke ithemba labo kimina, ukuthi ngizame ukulibeka endaweni engcono futhi isifiso sami wukuzama ukufeza lowo msebenzi."
Mayelana neminyaka yakhe nolwazi ngebhola laseNingizimu Afrika, ukholwa wukuthi okuningi uzokuphendula ngokuthola imiphumela efanele enkundleni.
"Ngizobhekana nale nselelo ngendlela engenze ngayo ngesikhathi ngiseBotswana, Ghana naseFrance lapho bengicija inqwaba yabadlali abadala kunami," usho kanje.
“Akwenzi mehluko kimina. Ngibheka ukudlala komdlali hhayi iminyaka yakhe.
"Ngiyabonga ukuthi sengikuzuzile okuncane emsebenzini wami kodwa kusekude phambili. Angiyiboni iyinkinga iminyaka yami namava ami. Ngicabanga ukuthi iyinto engenamsebenzi ngoba ngeke yenze mehluko emsebenzini wami.
"Ukuzethemba nokuzikhukhumeza kuyizinto ezimbili ezihlukene. Yebo, ngiyazethemba ngoba ngiyakwazi engingakwenza kodwa angizikhukhumezi. Ngihlonipha wonke umuntu."
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe, umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, uthe okunye okuholele ekutheni kuqokwe uFolz wulwazi analo ngamaqembu akuleli nokuwahlaziya kwakhe yize ehlale isikhashana neMarumo.
Lo mqeqeshi ophiwe igama elithi “Fohloza” ngesikhathi ethulwa yiqembu, uthe usefunde okuningi ngeligi yakuleli futhi waqala engakaqashwa nakwiBahlabane Ba Ntwa.
"Uhlala ufunda empilweni nasebholeni. Usuku nosuku luyisifundo esisha. Uma kukhulunywa ngeligi yaseNingizimu Afrika, ulwazi lwami luyakhula uma ngichitha isikhathi esiningi kuleli," uqhube kanje.
"Ubona izinto eziningi uma ungaphakathi kodwa nesikhathi engisichithe ngaphandle ngemuva kokushiya iMarumo siphinde sanginika ithuba lokubuka imidlalo eminingi.
“Sengilazi kangcono ibhola laseNingizimu Afrika kodwa bengivele ngililandela ngesikhathi ngiseBotswana."
Umdlalo wokuqala kaFolz kuzoba ngoweligi abazowudlala ne-Orlando Pirates ekuhambeni ngoLwesihlanu ebusuku.