XOLILE MPISANE
UMQEQESHI waMaZulu, uRomain “Fohloza” Folz, uthi akaphoxekanga kakhulu ngesikhathi iqembu lakhe libambana ngo 1-1 neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
U-Joseph Malongoane ubeke iGallants phambili umdlalo usanda kuqala kwathi uSede Junior Dion washayela Usuthu elokulinganisa maphakathi nesiwombe, elimaza iqembu lakhe lakudala.
Izivakashi zithole elinye ithuba lokuphinde zihambe phambili ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini ngesikhathi zinikwa iphenathi, kodwa uRanga Chivaviro wayidubula phezu kwepali.
Ngesiwombe sesibili womabili amaqembu awatholile amathuba okunqoba umdlalo kodwa ahluleka ukuvalela ibhola enethini.
"Izimbangi zishaye igoli kuqala, ngicabanga ukuthi besingabavimba ukuthi bangaligobi noma silikhiphe ebhokisini. Kusamele ngibone kahle ukuthi kwenzekeni lapho," kusho uFolz.
“Indlela esibuye ngayo ngemuva kwegoli ibe yinhle, sikwazile ukubacindezela futhi asizange sihlale emuva kakhulu. Ngicabanga ukuthi iphenathi iqhamuke ngephutha lethu kodwa sibe nenhlanhla ngoba abazange bayibeke phakathi.
"Silahle amathuba amaningi phambi kwepali, kukhona amathathu noma amane okumele ngiphinde ngiwabuke. Ngidinga ukubona kahle ukuthi kwenzekeni. Uma singalungisa lawo maphutha sizokwazi ukuyinqoba imidlalo efana nalo."
Ngemuva kokuqumba phansi iKaizer Chiefs ngo 4-0 emdlalweni odlule bekulindelwe lukhulu oSuthwini njengoba belubhekene neqembu elisemsileni kwi-log.
UFolz akakholwa ukuthi abadlali bakhe behlise izinga kulo mdlalo kodwa uvumile ukuthi abakwazanga ukudlala ngendlela abebeyihlosile umdlalo wonke.
"Ngeke ngisho ukuthi indlela esidlale ngayo iphambene ngokuphelele nendlela esidlale ngayo emdlalweni wokugcina. Kimina into ephambene nokunqoba ukuhlulwa," uchaze kanje.
“Njengoba ngike ngasho ngesonto eledlule, konke kuncike ekutheni uyilawula kanjani imizwa yakho. Akumele ujabule kakhulu uma unqobile, udikibale kakhulu uma wehluliwe noma uqale ukungabaza yonke into uma udlale ngokulingana.
"Besingathanda ukuthola umphumela ongcono kulo mdlalo kodwa besidlala kahle siphinde sehle. Asishayanga udaka umdlalo wonke. Asizange siwudlale umdlalo ngezinga elifanayo futhi ziningi izizathu zalokho.
"Ngizophinde ngicubungule ukuthi yini ngempela eholele kulokho. Angiphathekile kabi ngoba ngiyazi ukuthi sizokwazi ukubuya. Silitholile iphuzu futhi ngijabulile ngalokho."
Lo mphumela ushiye Usuthu endaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-17, kanti iBahlabani ba Ntwa isabambe ibhuleki ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-18.
Iqembu likaFolz lizodlala umdlalo olandelayo weligi neRichards Bay eKing Zwelithini Stadium ngeSonto ngo-3:30 ntambama.