U-ROMAIN "Fohloza" Folz ongumqeqeshi waMaZulu FC, ukhale ngokwenzelwa phansi onompempe ezakhe zibambana ngo-1-1 neRoyal AM kowomkhaya weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
IThwihli Thwahla ebone kuqala imbobo yepali ngonyawo lukaRuzaigh Gamildien esiwombeni sesibili, elokulinganisa loSuthu linamathiselwe enethini uBongi Ntuli obesuka ebhentshini.
Ngaphambi kokuthi uNtuli ashaye elokulinganisa, kusuke omkhulu umsindo unondweba, uLuxolo Badi obesizana noSandile Dilikane noSimukele Jali, bephika igoli likaHendrick Ekstein waMaZulu.
Liqale labalwa. Kudlule isikhashana lase liphikwa. Unompempe uthe u-Ekstein ubesemhlabeni ongamfanele.
Okushiye abaningi benkemile ukuthi ngaphambi kwegoli, ibhola beliqale lashaya esandleni sesitobha seRoyal AM.
Uma bekungelona igoli bekufanele okungenani uSuthu lunikwe iphenathi.
Okuqaphelekayo ukuthi uma kudlala la maqembu sekujwayele ukugqama amaphutha onondweba. Nakowomlenze wokuqala owawuseChatsworth Stadium okwanqoba kuwo iRoyal AM ngo-2-0, kwenzeka imbedumehlwana.
Onondweba bayipha igoli. Kwadlula isikhashana base belicisha kwazise lalingaweqanga umugqa wepali. Ngemuva komdlalo wangoMgqibelo, uFolz uzwakalise ilaka lakhe ngonompempe abebephethe umdlalo.
"Lo mdlalo bekumele siwunqobe noma ingo-2-1, senzelwe phansi unondweba. Wonke umuntu ubonile. Noma ngabe u-Ekstein ubesemhlabeni ongafanele ngo-10km kodwa ibhola liqale esandleni sesitobha seRoyal AM. Okungiphatha kabi ukuqanjelwa amanga yi-4th official (uXolani Hlatshwayo).
“Ngiye kuye ngibuza ukuthi kwenzakalani? Ithe angingaphatheki kabi, isaxhumana nonompempe. Iqhube yathi uma kungelona igoli kuzoba iphenathi. La manga iwatshele abasebenzi baMaZulu abane. Nginesiqiniseko esiphelele ukuthi bekuyiphenathi.
"Ngiyile nakunompempe ngingadiniwe. Ngimbuze ukuthi kwenzakalani? Impendulo yakhe ithe: "Angithandi ukukhuluma". Uma onompempe benza amaphutha anje imiqondo yethu iyahlukumezeka kakhulu. La maphutha abulala nomgqigqo womdlalo," kubeka uFolz.
Uqhube wathi okumphatha kabi kakhulu ukuthi uma bedlala neRoyal AM onompempe benza amaphutha.
"Akukona okokuqala benza lokhu. Nasemdlalweni wokuqala sisenkundleni yabo babefuna ukunika iRoyal AM igoli elalingekho. Ngabatshela ukuthi uma bengalicimi ngizothatha abadlali bami sihambe. Nasemdlalweni wami wokuqala sivakashele i-Orlando Pirates, sancishwa amaphenathi amabili esiwombeni sokuqala. Ngeke, awunqandwe lo mkhuba wonompempe.
"Ngiyakuqonda ukuthi umsebenzi wabo unzima. Okunye iphutha into yanoma ubani. Ngesonto eledlule sidliwe, angizange ngimgxeke unompempe. Sizenze thina. Alikho iphutha elenzeka njalo. Iphutha lenzeka kanye, okwesibili akuselona,“ kusho uFolz.
NgeSonto, uSuthu olusendweni ka-11 ngamaphuzu awu-25, luzovakashela iChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium.