UFUNA ukubhekisisa imiphumela yokuhlolwa kukaGeorge Maluleka umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain Folz, ngemuva kokuthi lo mdlali wasesiswini elale phansi enkundleni ngesikhathi bebhekene neSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium.
UMaluleka bekubukeka sengathi ucinene isifuba ngesikhathi esengezwe ngunompempe, odokotela bawo womabili amaqembu baphuthuma ukuyomlekelela enkundeni, ngaphambi kokuthi aphume esethwelwe yi-ambulensi.
Umdlalo awubange usaqhubeka ngemuva kwalesi sigameko, iSwallows yawunqoba ngo 1-0 ngegoli elivalelwe nguKagiso Malinga maphakathi nesiwombe sokuqala.
Izolo ekuseni Usuthu lukhiphe isitatimende ezinkundleni zokuxhumana luveza ukuthi lo mdlali ugodukile ngemuva kokuhlolwa.
“Siyabonga ngemiyalezo emihle mayelana noGeorge Maluleka odinge usizo lwezempilo olusheshayo ngaphambi kokuthi kuphele umdlalo neSwallows eMoses Mabhida. UMido udedelwe ngemuva kokuhlolwa ngodokotela bethu,” sifundeka kanje isitatimende esifakwe enkundleni yokuxhumana, iTwitter.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo ngoMgqibelo ebusuku, uFolz uzwakalise ukukhathazeka njengoba bese kungokwesibili kwenzeka into efanayo kuMaluleka. NgoDisemba nyakekenye wathola usizo lwezempilo ngesikhathi bedlala neSekhukhune United kodwa wakwazi ukuqhubeka nokudlala.
Umkhakha webhola likanobhutshuzwayo kuleli usanda kugqemeka ingozi ngokudlula emhlabeni komdlali weRichards Bay FC uSiphamandla Mtolo, kulandela ukuquleka ngesikhathi leli qembu lizilolonga emasontweni edlule.
“Ngokwenjwayelo mayelana nezinto ezithinta inhliziyo, abadlali bayahlolwa ngaphambi kokuthi kuqale isizini ukuze kubhekwe ukuthi konke kuhamba kahle yini. Kumele ngibheke ukuthi yini eyenziwa ngaphambi kokuthi ngifike ukuze ngibone ukuthi ayikho yini imiphumela engaqondakali,” kusho uFolz.
“Yebo, sekungokwesibili lokhu kwenzeka esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha ngakho-ke kudingeka siqaphele futhi sibheke ukuthi ngempela kwenzekani. Ibhola into eseceleni, sikubonile okwenzeke komunye wabadlali beRichards Bay muva nje. Ngikholwa wukuthi lokho kungaphezulu kwebhola, ngakho kumele sivikele umuntu kuqala.”
UMaluleka ubonge ukwesekwa ebhala ekhasini lakhe lika-instagram ku-maluleka12.
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngibonke bonke abekhombise ukukhathazeka ngami, banginakekela, bangeseka kulesi sikhatthi. Ngisesimeni esingcono futhi ngilulama kahle ezandleni zomndeni wami. Ngiswele amazwi okubonga ngokwesekwa enkundleni nangaphandle kwayo. Kusho lukhulu kimina. Sengibheke ukubuya, ngibuyele nasenkundleni,” ubhale kanje.
Khonamanjalo, uFolz uzwakalise ukuphoxeka ngemuva kokuthi Usuthu luhlulwe emdlalweni wesithathu kulandelana emiqhudelwaneni eyahlukene. Uthe usakhathazekile ngamathuba abawagejayo nokuholela ekutheni bagcine sebelandela ngemuva.
“Ngikholwa wukuthi yisimo esifanayo esesibonakala kaningi. Uma ubheka umdlalo esiwudlale neRoyal AM emasontweni edlule kwenzeke into efanayo, umehluko ukuthi sagcina silitholile igoli lokulinganisa,” kusho lo mqeqeshi.
"Sidinga ukushintsha imiqondo. Ngikholwa wukuthi kunabantu abanethezeke kakhulu, baphaphama sekubheda esikhundleni sokuthi benze izinto kuqala. Ukungena emiqondweni yabantu yinto enzima kakhulu. Singawahlanganisa amasu, yize sisengathuthuka nalapho, kodwa ukushintsha imiqondo kuthatha isikhathi."
AmaZulu anamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-24. Umdlalo wawo olandelayo kuzoba ngoweligi neCape Town City ngeSonto.