UMQEQESHI waMaZulu, uRomain Folz, usayibona indawo yomgadli, uBongi Ntuli, ophelelwa yinkontileka ekupheleni kwale sizini ka-2022/2023.
UNtuli, oyintandokazi yabalandeli noSuthu, ungene washaya igoli ngesikhathi leli qembu lithela ngehlazo lika 4-0 iKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership eThekwini ngesonto eledlule.
Ngaphambi kwalokho, ubelizwa ngendaba ijezi ngenxa yokuhlushwa wukulimala. KuMaZulu isikimu sitanyuzwa nguLehlohonolo Majoro, Augustin Kwem, Gabadinho Mhango nomgadli omusha uSede Junior Dion wase-Ivory Coast.
Ngaphambi kokuvuselela inkontileka yakhe uNtuli ngo-2021, bekunezinkuumo ezithi ufunwa yiKaizer Chiefs. Njengoba esesalelwe yizinyanga eziyisithupha kuyona, usevumelekile ukusayina eyesibambiso nelinye iqembu.
UFolz uthe usamdinga uNtuli eqenjini.
"Ubuya ekulimaleni okubi, okucishe kwamyekisa ibhola. Kufanele siqaphele indlela esimbuyisa ngayo esikimini. Yebo, uyadingeka. Uyadingeka ngenxa yezizathu ezibonakele (koweChiefs). Usezingeni eliphezulu futhi ungomunye wabaphambili eqenjini. Uma kufanele ngikhethe phakathi kwakhe noDion noMajoro, ngifaka noma wubani engicabanga ukuthi ufanelwe wukudlala kulowo mdlalo. Ngijabule ngendlela abagadli bami abadlale ngayo, bashaye amagoli. Ngiyabajabulela kakhulu," kusho uFolz.
Phezu kokuhlushwa wukulimala kukaNtuli kodwa lo mgadli useyithemba labalandeli boSuthu. Abakufihli ukuthi uma esenkundleni injabulo yabo iseduzane. Kodwa uFolz ubona kusekuningi okufanele akwenze uNtuli, ukuze afinyelele ezingeni alifunayo.
"Mkhulu umsebenzi okufanele awenze ukulungisa izindawo ezithize endleleni adlala ngayo. Ukulimala kwakhe kuholele ekulahlekeni kwezinye izinto. Kodwa usebenza kanzima, ikakhulukazi esimeni somzimba, ukuthi abuyele ezingeni elifanele lokuba qatha. Ngiyayibonga indlela azikhandla ngayo ngoba abanye abadlali basebenza kanzima ukufinyelela ezingeni eliphezulu. Abanye babo sebezolunga. Sebesondele ezingeni engilifunayo. Ngiyafisa aqhubeke nokuzikhandla ngoba lokho kuzolandelwa wukushaya into ecokeme enkundleni," kusho uFolz.
Abafana bakaFolz bazobuyela enkundleni ngoLwesihlanu ngo-8 ebusuku, uma sebebhekene neMarumo Gallants eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.