AKANALO ixhala lokuzithela ngabandayo kwabadlali bakhe, umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain Folz njengoba bezobhekana neqembu eliyibambe emsileni kwi-log yeDStv Premiership, iMarumo Gallants.
NgoLwesihlanu olwedlule, Usuthu lubhudluze iKaizer Chiefs ngo-4-0 eMoses Mabhida Stadium kanti bekungokwesibili leli qembu linqoba umdlalo selokhu lo mqeqeshi waseFrance, athatha izintambo ngo-Okthoba nyakenye.
NgoMgqibelo ebusuku, luzobuyela enkundleni efanayo luzobhekana neGallants ngo-8.
UFolz uthe nakuba bejabule ngamaphuzu abawacoshe kwiChiefs kodwa bayazi ukuthi usemkhulu umsebenzi okusamele bawenze. Usuthu lusendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-21 emidlalweni engu-16.
“Ngasho ngaphambi komdlalo wangempelasonto edlule ukuthi aseneme ngendawo esikuyona kwi-log. Ngisaphinda ngiyasho ukuthi namanje asigculisekile ngendawo esikuyona," kusho uFolz ejimini yaMaZulu, izolo.
“Siyakwazi okufanele sikwenze emidlalweni elandelayo, hhayi lo kuphela (neGallants) kodwa neminye ezolandela.
“Izinto ziyashintsha ebholeni. Uma ungenzanga kahle usengabuya wenze kahle futhi uma wenze kahle kusengenzeka ubhede. Njengamanje sihlose ukubamba umgqigqo wethu.
“Akuthina kuphela esibheke ukuthola imiphumela emihle ilandelana kodwa wonke amaqembu afuna into efanayo. Ngikholwa wukuthi sinawo amandla okwenza okuhle emdlalweni olandelayo.”
Ngaphambi kokuthi ajoyine AmaZulu, uFolz ubengumqeqeshi weGallants, leli qembu ladlala imidlalo emihlanu yeligi ngesikhathi esaphethe izintambo. Ladlala ngokulingana kwemine lahlulwa kanye ngaphambi kokuthi athathe isinqumo sokulishiya.
Yize ebazi abadlali beBahlabani ba Ntwa kodwa ukholwa wukuthi sebedlala isitayela esehlukile kwazise sebecijwa nguDan Malesela.
"Siyazi ukuthi ngeke kube wumdlalo olula njenganoma yimuphi omunye umdlalo. Bayiqembu elihle elinabadlali abayingozi. Sizozilungiselela ngokusemandleni ethu ukuze sidlale umdlalo osezingeni eliphezulu," kuqhuba lo mqeqeshi.
"Ngiyabazi abadlali nokuthi banjani ngokomqondo kodwa umqeqeshi omusha ufike nezindlela zakhe wenza izinguquko ezithile. Ngingasho ukuthi ulwazi enginalo luzosiza kancane kodwa hhayi kangako.
"Ukuze sifinyelele lapho sifuna ukuba khona sidinga ukunqoba imidlalo. Sizokwenza lokho ngokuzilungiselela ngendlela efanele, okudinga ukuthi sibe sesimeni esifanele ngokomqondo. Ngicabanga ukuthi silapho," uphethe kanje.