UMQEQESHI waMaZulu, uRomain Folz, uyayihlaba eyokukhishwa inyumbazane kwabadlali abaphelelwa yizinkontileka.
AmaZulu asanda kulahlekelwa ngukaputeni uMakhehleni Makhaula ojoyine i-Orlando Pirates esesalelwe yizinyanga eziyisithupha enkontilekeni yakhe noSuthu. Kuvele ukuthi wenqabile ukuyivuselela.
Ngesizini edlule, abaphathi boSuthu badingise uSiyethemba Sithebe emuva kokusayina inkontileka yesibambiso neKaizer Chiefs.
Kwenzeke lokhu sekusele izinyanga eziyisithupha kuphele inkontileka yakhe naMaZulu.
Kumanje Usuthu lusengcupheni yokulahlekelwa ngabadlali abamqoka okukhona kubo umgadli uBongi Ntuli nesitobha uThembela Sikhakhane abangakazivuseleli izinkontileka zabo.
"Mayelana nabadlali abaphelelwa yizinkontileka, sizosithatha isinqumo ngesikhathi esifanele. Ngingumumtu okholelwa ekwenzeni izinto ngesikhathi esifanele ebholeni nakwezinye izinto,“ kusho uFolz.
“Asingeni emhlanganweni sicabanga ukuthi umuntu othize uzobakhona lapha (ngesizini ezayo). Abadlali abaphelelwa yizinkontileka ngeke ngibaphathe ngendlela ehlukile kulabo abanezinkontileka zeminyaka emithathu.
“Uma wenza kanjalo, angicabangi ukuthi kuyindlela elungile. Sibaphatha sengathi basazohlala isikhathi eside. Sibaphatha kanjalo.
“Ngiyazibala nami lapho. Uma sekufike isikhathi esifanele sokugxila ezindabeni zabadlali, sizobona. Kuzocaca emasontweni azayo.”
UFolz ukhuluma eyezinkontileka zabadlali nje, naye akazazi ukuthi ikusasa limuphatheleni.
Kunezinkulumo zokuthi ngesizini ezayo, Usuthu luzobuyisa uManqoba Mngqithi ophelelwa yinkontileka kwiMamelodi Sundowns ngoJuni.
UFolz, okuthiwa ukhihle esikaNandi ngokudedelwa kukaMakhaula, uthe nakuba engalazi ikusasa lakhe kodwa unalo izwi ngabadlali abahambayo nabafikayo eqenjini.
"Nginalo izwi. Kuzona zonke izinqumo ezithathwa yiqembu siyaxhumana. Yilokho okuhle eqenjini. Ukuxhumana phakathi kwezisebenzi, abaphathi nabadlali kuhle,“ usho kanje.
“Kuningi esabelana ngakho. Kukhona konke okwenzekayo akekho oshiywa ebumnyameni. Nami nginawo umbono njengabo bonke abantu.
“Sigcina sivumelana ngazwi linye. Izinqumo esizithathayo siyakholelwa kuzona futhi sinesiqiniseko sokuthi zililungele iqembu.”
AmaZulu azobuyela enkundleni ngoSonto ntambama, uma esamukela iTornado FC emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. ITornado idlala kwi-ABC Motsepe League yase-Eastern Cape.