UZIBONA enekusasa kwiKaizer Chiefs umgadli, uMthokozisi Balakasi, obolekiswe yileli qembu kuThongathi FC kwiMotsepe Foundation Championship.
UBalakasi (20) ubeyibamba eqenjini laMakhosi leDStv Diski Challenge ngaphansi komqeqeshi uVela Khumalo. Ubekade eseqenjini eliwine indebe yeDStv Diski Shield ngesizini edlule, ebelithakwe ngezibabuli okukhona kuzona uMduduzi Shabalala noSamkelo Zwane esezidlala esikimini esikhulu seChiefs.
Ubolekiswe kuThongathi ngoJanuwari, ngenhloso yokuthola isipiliyoni. Eminyakeni edlule, baningi abadlali beChiefs abebeshaya into ecokeme kwiDiski kodwa bagcine bengabuyanga ekubolekisweni. Kulaba badlali kukhona u-Ayanda Rorwana, Itumeleng Shopane, Given Thibedi, Yusuf Bunting nabanye.
"Inhloso yami wukubuyela kwiKaizer Chiefs. Ngicabanga ukuthi uma ngisebenza kanzima lapha ngizibonakalisa, mhlawumbe ngiphinde ngibolekiswe futhi ukuze ngikhule, ngizobe sengikulungele ukuyobanga ijezi esikimini esikhulu. Endleleni engidlala ngayo kusadingeka ngisebenze kanzima. Uma kuphela isizini ngizobheka ukuthi ngikulungele yini ukubuyela kwiChiefs?" kusho uBalakasi.
Emuva kokudlala isigamu sokuqala sesizini kwiDiski, iChiefs inqume ukumbolekisa uBalakasi.
Emdlalweni wesithathu edlubhe ijezi leCane Cutters, ushaye igoli lesibili ngesikhathi leli qembu lehlula iBaroka ngo-2-0 emdlalweni weligi KwaMashu, ngoLwesibili ntambama. Igoli lokuqala lishaywe nguTshepo Liphoko.
"Lokhu kuzokwenyusa ukuzethemba kimina. Uma ngingashaya amanye amagoli konke kuzolunga. Kade ngikhuluma nosihlalo (Mpume Nhlumayo), ngimtshela ukuthi kufanele ngimkhokhele, ngimkweleta igoli namuhla (esho ngoLwesibili). Ungishayele izandla sengiphuma.
“Siyiqembu sifuna ukuqeda sibalwa nayisihlanu aphezulu. Umqeqeshi (uPapi Zothwane) ubelokhu engikhuthaza ukuze ngenze kahle ngoba kuseyisizini yami yokuqala kule ligi. Kunzima ngoba sekuwumzuliswano wesibili. Kodwa ngicabanga ukuthi ngizolunga," kusho usho kanje.
UBalakasi nozakwabo kulindeleke ukuthi baqhubeke basize Uthongathi lubuye namaphuzu agcwele kwiPlatinum City Rovers e-Olen Park kusasa.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Kusasa - Ngo-3.30Ppm: Platinum City Rovers v Uthongathi (Olden Park)
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: MM Platinum v TTM (Bidvest Stadium); Baroka v University of Pretoria (Global Stadium); Venda Football Academy v All Stars (Thohoyandou Stadium); Cape Town Spurs v Black Leopards (Athlone Stadium); Casric Stars v JDR Stars (Solomon Mahlangu Stadium)
NgeSonto- Ngo-3.30pm: Hungry Lions v Polokwane City (Windhoek Draught Park); Magesi v Pretoria Callies (Old Peter Mokaba Stadium).