UHLOSE ukukhipha unyawo esikhathini azosihlala kuMaZulu FC unozinti uJody February, obolekiswe kuleli qembu yiMamelodi Sundowns ngenyanga edlule.
UFebruary (26) udedelwe amaBrazilians kuze kuphele isizini ngemuva kokungalitholi ithuba lokudlala kwiSundowns abebanga kuyona ijezi nonozinti asebevuthiwe, okubalwa, uRonwen Williams, Denis Onyango, Kennedy Mweene noReyaad Pieterse.
Uthole ithuba lokuqala lokudlala ngesikhathi AmaZulu eshaya iTornado FC ngo 3-2 koweNedbank Cup Last 32 ngempelasonto edlule.
OSuthwini uzobanga ijezi nokaputeni omusha weqembu uVeli Mothwa, u-Olwethu Mzimela noSiyanda Khumalo. UMotha usengukaputeni kulandela ukushiya kukaMakhehleni Makhaula obejoyine i-Orlando Pirates.
“Ezinyangeni eziyisithupha zokuqala zesizini bengizilolonga ngisebenza kanzima kwiSundowns. Ngiyabonga ukuthi Amazulu angibizile futhi ngihlose ukusiza iqembu ukuthi liye lapho kufanele libe khona," kusho uFebruary kwabezindaba izolo ejimini yoSuthu.
"Ukuncintisana phakathi kwethu singonozinti yinto enhle kakhulu, akumina kuphela engilwela ijezi kodwa bakhona nabafana ababili abancane. Siphonselana inselelo nsuku zonke. Kumele siphushe odlalayo siphinde simkhuthaze ngoba lokho kuzosiza iqembu."
Uthe akakaliphonsi ithawula ngokuba yilungu elibalulekile leSundowns futhi ukholwa wukuthi akufunde ngaphakathi eqenjini nangaphandle kwalo kuzomsiza akhule.
"Kusobala ukuthi (kwiSundowns) bebenezizathu zokungisayinisa. Yebo, angisemusha kodwa futhi angimdala kangako. Sekuthathe isikhathi eside ukuthola indawo yami eqenjini kodwa kumele ngibekezele," kuqhuba uFebruary. .
“Ngeke kungisize ukucasuka. Ngikholwa wukuthi iSundowns iyayazi into eyenzayo. Kuyenzeka uphatheke kabuhlungu kodwa njengomdlali webhola elikhokhelayo kumele uqine uqhubeke nokusebenza. Ngibe nenhlanhla yokuthola wonke la mathuba kwamanye amakilabhu abengidinga ezikwatini zawo futhi ngifuna ukuwakhokhela ngokuzimisela.
"Ngigxile kuMazulu manje ngakho uma kwenzeka kufanele ngibuyele kwiSundowns ekupheleni kwesizini ngizozikhathaza ngalokho ngesikhathi esifanele. Okwamanje ngijabule ngokuba lapha futhi akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani ekugcineni. Ngingahlala lapha noma ngibuyele emuva."
UFebruary uke wadlalela iqembu lesizwe lika-Under 23 kanti wayeyingxenye yaleli eladlala kuma-Olympics ayeseRio de Janeiro, eBrazil ngo-2016.
Selokhu afika kumaSandawana esuka kwi-Ajax Cape Town ngo-2019, usebolekiswe emaqenjini ehlukene, iCape Umoya United neSwallows njengoba esegijima kuMaZulu.
Ukholwa wukuthi ukudlala nonozinti abahamba phambili kuleli nasezwenikazi i-Afrika kuyawaqinisa amathuba akhe okufeza iphupho lokudlalela iqembu lesizwe.
"Ungamangala ukubona indlela onozinti abanamava abafana no-Onyango noMweene abaziqeqesha ngayo, ungacabanga ukuthi kusekude kakhulu bayeke ukudlala. Bengilokhu ngizama ukuncela ulwazi," usho kanje.
“Ngifunde lukhulu nakuRonwen, ongunozinti wokuqala weBafana, futhi namanje ngiyafunda kuVeli, naye ongunozinti weBafana.
“Kusobala ukuthi sonke sinezinjongo zethu futhi iphupho lawo wonke umuntu wukudlalela iqembu lesizwe. Lokho ngikwenzile emazingeni aphansi ngakho ngiyawazi lowo muzwa.
“Ngingathanda ukudlalela izwe lami futhi uma ithuba livela ngelinye ilanga ngizolibamba ngazo zombili, ngenze konke okusemandleni ami."
AmaZulu alungiselela ukubhekana neTS Galaxy emdlalweni olandelayo weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
Usuthu lusendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-19.