KUNESIFO esibi esihlasele abadlali beMaritzburg United, esenza angahlali kahle umqeqeshi wayo omusha, uFadlu Davids, olandelwe ukuzoyihlenga ezembeni.
Lokhu kuphawulwe wuye uDavids ngemuva kokuqoqa amaphuzu amathathu benqoba kowomkhaya weDStv Premiership, behlula iRoyal AM ngo 3-1 eHarry Gwala Stadium ngempelasonto.
Lona bewukuwumdlalo wesibili kulandelana iTeam of Choice inqoba ngaphansi kukaDavids osanda kubuyiswa kuleli qembu, ukuzolisiza njengoba libhekene nezembe.
Yize bebuyele emakhaya kuqhilika izihlathi kubalandeli baleli qembu laseMgungundlovu ebebephume ngobuningi ukuzogcwalisa inkundla, uDavids usale ebalisa ngakubize ngomkhuba omubi owenziwa abadlali bakhe.
“Siyiqembu elisha kusukela ngifikile ngakho-ke abadlali kufanele bahlukane namaphutha abebewenza phambilini njengokuthambisa ngoba sebebona ukuthi bahamba phambili ngamagoli amathathu,” kusho uDavids ethimbeni labezindaba leTeam of Choice emuva komdlalo.
“Kufanele ishintshe ngokushesha indlela esicabanga ngayo ngoba uma sesihamba phambili ngokukhululeka, ukuvala ukuthi singangenelwa igoli kufanele kube into eseqhulwini.
“Lokhu kuzosisiza nasekwakheni umqondo wokuwina bese sakha nomona wokungavumeli lutho ukuthi lungene ngakithina.
“Kuningi okusafanele sikulungise ngakho-ke ngijabule ngokunye kodwa kangeneme neze ngalo mkhuba omubi engiwubona kubadlali.
“Akubukeki ukuthi kulo mdlalo, sehlise umgqigqo sasuka nasendleleni ebesihlele ngayo ngoba sekubukeka sengathi sesiqedile kodwa savumela ukungenelwa igoli ekugcineni,” kusho lo mqeqeshi.
“Konke esikwenzayo kufanele kukhombe ukuthi izinto zenziwa ngendlela ehlukile kwiMaritzburg kunale obekwenziwa ngayo ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.
“Konke kuqala ngokuguqula indlela sonke esicabanga ngayo uma sisenkundleni noma singaphandle kwayo.
“Ngifisa iMaritzburg elwela ukuqhubeka nokushaya amagoli noma sekucacile ukuthi isiwinile.
“Ngifuna iMaritzburg enomona emuva bese ngikhulekela iMaritzburg ezoya kuyona yonke le midlalo esele ngenhloso nangethemba lokuyiwina,” kuphetha uDavids.
UDavids ukhala kanjena nje, igoli leRoyal AM lingene umdlalo ususesikhathini esengeziwe.
Yize iTeam of Choice ingazange isuke endaweni embi ehleli kuyona kwi-log (nombolo-15) kodwa ingcono ngamaphuzu amathathu kwiGallants ebambe ibhuleki.
IStellenbosch FC neSwallows FC abakunombolo 13 no-14, bayalingana neMaritzburg ngamaphuzu kepha bangcono ngamagoli.
Umdlalo olandelayo weMaritzburg usePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMgqibelo, ngo-3.30 ntambama neLamontville Golden Arrows.