UMQEQESHI weMaritzburg United, uFadlu Davids, uxwayisa ezakhe ngonungozi bokuthatha kancane iKaizer Chiefs abazobhekana nayo koweNedbank Cup eHarry Gwala Stadium ngo-7.30 kusihlwa isabhinjelwa yizinto.
“Bayiqembu elihle. Angicabangi ukuthi kufanele sikuzibe osekwenziwe ngumqeqeshi u-Arthur (Zwane). Ukulahlekelwa ngumgqigqo nje akusiyo inkinga yeKaizer Chiefs kuphela kodwa ngeyeligi yonke ngaphandle kweqembu elihlezi esicongweni (iMamelodi Sundowns),“ kusho uDavids.
“Angicabangi ukuthi kufanele siyibukele phansi iKaizer Chiefs noma ngayiphi indlela. Bayiqembu elihle, uma ucubungula imidlalo yayo uyakubona umqeqeshi azama ukukwenza. Ayiwini njalo kodwa idlala kahle nakuba yehluleka ukushaya amagoli. Sizoyinika inhlonipho eyifanele.”
UDavids, osebuya kwi-Orlando Pirates, wayesebhentshini ngo-2018 leTeam of Choice yehlulwa yiFree State Stars kowamanqamu eNedbank Cup.
Emuva kwemidlalo eyisithupha uDavids esebhentshini leMaritzburg, ayikasuki endaweni eyingozi kwazise isendaweni ka-15 kwi-log.
UDavids uthe ukudonsa kwabo kanzima kwiligi akusho ukuthi bazogcina icala kwiNedbank.
"Ikabili le nto. Uyafuna ukuqhubeka nokuhlanganisa iqembu ngoba iligi iyona esiyibeke phambili. Kolunye uhlangothi; umphumela omuhle nokudlala kahle kungasiza ukwakha iqembu.
“Ngakolunye uhlangothi; ungawuwina lo mdlalo wehlulwe kolandelayo. Awukusizi kulokhu ofuna ukukwenza. Sizodlalela ukuwina,” kusho uDavids.