IQHAWE le-Orlando Pirates, uTerrence Dzvukamanja, lifisa ukuthola inkontileka entsha kuleli qembu elilishayele igoli elilifake ezweni lesethembiso, linqoba iNedbank Cup.
UDzvukamanja waseZimbabwe, ujabulise abalandeli beZimnyama evalela phakathi igoli lesibili sekusele imizuzwana emdlalweni wamanqamu abawunqobe ngo 2-1 eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ebusuku. Bekubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengizwe ngesikhathi eqhamuka eyoqedela ibhola ebeligotshwe uMonnapule Saleng kwesokunxele.
Bekuyigoli lakhe lokuqala alishaye kulo mqhudelwano kule sizini. Emidlalweni yeligi ushaye amagoli ayisikhombisa emidlalweni engu-14.
Inkontileka kaDzvukamanja iyaphela njengoba kusongwa isizini ka-2022/2023. Ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uthe usafuna ukuqhubeka nokudlubha ijezi leZimnyama nangesizini ezayo.
"Angiboni kukhona okungako okufanele ngikuphawule ngendaba yenkontileka yami. Yimenenja yami engaphawula kangcono ngoba okwamanje ngisagxile kule nkontileka enginayo. Uma benginika, bayonginika. Uma benganginiki kuyoba yilokho. Uma imenenja yami ithi okubekwe etafuleni kuhle noma akukuhle, siyobona lapho. Kodwa ngiyafuna ukuhlala kwiPirates. Bonke abadlali bafuna ukudlalela leli qembu elikhulu futhi kuneChampions League. Ngakho wonke umuntu ufuna ukulidlalela leli qembu,“ kusho uDzvukamanja.
Kule sizini iPirates ngaphansi komqeqeshi, uJose Riveiro inqobe neMTN 8 ekuqaleni kwesizini, yaqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership okuyifaka kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Ekuqaleni kwesizini uDzvukamanja ubewukudla kwebhentshi kweZimnyama ngaphansi komqeqeshi uRiveiro. Noma efakiwe izinto zike zangamhambeli kahle abanye abalandeli bengayizwa indaba yakhe ngoba ephikwa amagoli.
Kugcine kuvela amahlebezi okuthi ufunwa ngumqeqeshi wakhe owayemlolonga kwiBidvest Wits, uGavin Hunt, osecija iSuperSport United. Lezi zindaba zivele ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari. Nokho uDzvukamanja ugcine elitholile ithuba lokudlala, walisebenzisa.
"Uma kuyiqembu, ayikho indaba yokuzibheka wena. Ngesikhathi ngingadlali, bengeseka labo abadlalayo futhi ngibagqugquzela ejimini. Ngakho ngeke ngisho ukuthi ngokungadlali kwami esigabeni sokuqala sesizini kukhona obekwenzeka. Bengisebenza ekutheni ngibe qatha ngigxila nasezintweni umqeqeshi azifunayo. Umqeqeshi ungitshele ukuthi manje usukulungele ukudlala," kusho uDzvukamanja.
Mayelana nokusiza iPirates iwine iNedbank Cup, uDzvukamanja uthe: “Angazi ukuthi ngingayichaza kanjani indlela engizizwa ngayo. Ngiyajabula ngokujabulisa umndeni we-Orlando Pirates nokuphakamisa indebe. Okuyinto enkulu kimina, ngeke ngiqambe amanga. Wonke amaqembu afuna ukuwina. Ngakho ukuwina kwethu izindebe ezimbili ngesizini nokuqeda endaweni yesibili, sihlabene ngempela. Ngijabule kakhulu ngakho."
Ngesikhathi uRiveiro ephawula ngomdlalo kwiSuperSport umbongele noDzvukamanja.
“Usebenze kanzima uDzvukamanja, ngiyamjabulela ikakhulukazi njengoba abalandeli bebengayinqondi indlela yokudlala ekuqaleni kwesizini,” kusho uRiveiro.