UMQEQESHI we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, uJoseph "Dukuduku" Makhanya, uphonsele inselelo abagadli bakhe wathi abashaye amagoli ukuze liphumelele iqembu.
UMakhanya, owayengumdlali wePirates, ubuyele kweZimnyama ekuqaleni kwesizini ezovala isikhala sikaMandla Qhogi owehlulekile ukuwina iligi yeDiski ngesizini edlule.
Kudingeke alakhe kabusha iqembu kwazise lihlukane nenqwaba yabadlali. Kubadlali abangasekho eqenjini lePirates leDiski kubalwa uThabiso Monyane osebuyiselwe esikimini esikhulu noBoitumelo Radiopane obolekiswe kwiCape Town Spurs kwiMotsepe League Foundation Championship. URadiopane ubeyithemba lePirates ekushayweni kwamagoli kwazise uqede isizini eshaye angu-23, wadla umklomelo weDStv Diski Top Goal Scorer nowomdlali ovelele, iDStv Diski Challenge Player of The Season.
UMakhanya uthe njengoba engasekho uRadiopane, abagadli bakhe bonke abakwenze umsebenzi wabo ukushaya inethi. Abagadli abasemabhukwini ePirates kule sizini nguMohau Nkota, Relebohile Ratomo noMehluleli Maphumulo.
"Ngesizini edlule besithembele ngokwedlulele kuRadiopane. Besinomgadli obeshaya cishe amagoli angu-25 ngesizini. Lokho kukutshela ukuthi abanye kade bengawashayi amagoli. Ngakho manje inselelo yami kubagadli wukuthi okungenani abashaye angu-10 emunye ukuze sibe nabantu abaningi abashaya inethi eqenjini. Asikwazi ukuba nomuntu oyedwa osishayela amagoli. Yebo, kuhle ngoba kusho ukuthi ungawina noma yimuphi umdlalo. Kodwa lokho kuholela ekutheni iqembu lithembele kuyena yedwa," kusho uMakhanya.
Phezu kokuvula isizini ngegiya eliphezulu ishaya izimbangi iKaizer Chiefs, iPirates isahluleka ukubamba umgqigqo. Isawine imidlalo emithathu kweyisishiyagalombili.
UMakhanya uhlalelwe wumsebenzi wokuhlanganisa iqembu elizobalwa nabanga isicoco seligi. Lo mqeqeshi uzwakalise ukujabula ngokubanjwa kweCape Town City eyiqale kahle isizini, ishaya kwasani kwiDiski. Emidlalweni emibili yakamuva, iCity yehlulwe yiRoyal AM, yadlala ngokulingana neSuperSport United.
"Bengivele ngibambe umoya ukuthi iCity ibanjwe ukuze nathi sithi siphaphama sibe sisenalo ithuba lokulwela iligi, singaphaphami sesikude kakhulu nezinto," kusho uMakhanya.
NgoMgqibelo eZimnyama zizobhekana neMarumo Gallants emdlalweni oseWits Football Stadium ngo-12.30 emini. Ekuseni ngo-10, kuzoqala iChiefs neTS Galaxy. NgeSonto kuyona le nkundla kuzoqhuthana iSekhukhune United neSwallows ngo-10 ekuseni. Ngo-12.30 emini kuzongena iMamelodi Sundowns neRichards Bay FC.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge kule mpelasonto:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Chippa United v SuperSport United (Wolfson Stadium); Kaizer Chiefs v TS Galaxy (Wits Football Stadium); Maritzburg United v AmaZulu (Harry Gwala Stadium); Royal AM v Stellenbosch (Mpumalanga Stadium).
Ngo-12.30pm: Orlando Pirates v Marumo Gallants (Wits Football Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Cape Town City v Golden Arrows (Malta Park).
Ngo-12.30pm: Mamelodi Sundowns v Richards Bay (Wits Football Stadium).