UMQEQESHI we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, uJoseph "Dukuduku" Makhanya, uthi bazovuka bazithathe ngokunqoba iligi phezu kokuba sebegudluziwe esicongweni se-log.
EZimnyama zehlele endaweni yesithathu emuva kokushaywa yiSuperSport United ngempelasonto edlule.
Phezulu eqhulwini kubuyele iCape Town City ebigudluzwe yiPirates emasontweni adlule. Ukushaya into ephansi kwePirates yehlulwa yiSuperSport kulethe ukungabaza ngokulungela kwayo ukunqoba isicoco seligi.
"Uma uhlezi phezulu bonke abantu bafuna ukukudonsela phansi, ngisho onompempe. Ngaphambi kokudlala neSuperSport, besinemidlalo emine enzima ebesibhekene nayo nebesihlose ukuthola kuyona amaphuzu angu-10. Kodwa manje sesibheke ayisishiyagalolunye kulena emithathu esizoyidlala.“
“Ngiphatheke kabi ngokwehla kwethu esicongweni kodwa ngibuye ngazitshela ukuthi kufanele sivuke sizithathe. Iligi iseyinde kabi, kusazodlalwa.”
“Kusele imidlalo engu-10 okungamaphuzu angu-30 esisazowadlalela. Kuyona le sizini, sike sahlulwa imidlalo emibili kodwa savuka sazithatha," kusho uMakhanya.
Nakuba uMakhanya ephatheke kabi ngokuthi behlile esicongweni se-log yeDiski kodwa uyajabula ngokunyuselwa esikimini esikhulu kwabadlali bakhe abathathu.
Labo badlali ngoRelebohile Ratomo, uSamukele Kabini noNdumiso Ngiba obekade esebhentshini ngesikhathi iPirates yehlula iSwallows FC emdlalweni weDStv Premiership.
"Kuyimpumelelo enkulu ukunyuselwa kwabo esikimini esikhulu nakuba kusiphazamisile lapha. Umsebenzi wethu singabaqeqeshi ezigabeni zokuthuthukisa abadlali, wukubenza balungele ukudlala esikimini esikhulu.“
“IPirates kufanele ibadlalise abadlali ezikhulisela bona. Amanye amaqembu siyabona ayakwenza lokho," kusho uMakhanya.
NgeSonto, iPirates izovakashela iCity eMalta Park Sports Complex, eKapa, ngo-12 emini. Leli yithuba leZimnyama lokuzishayela izimbangi zazo ukuze kwande amathuba okunqoba iligi.
"Ngeke kube wumdlalo olula uma ubheka ukuthi siyodlala kwi-astro turf (utshani bokuzakhela). Bona bayijwayele, thina asiyijwayele. Kodwa kufanele sivuke sizithathe, sikulwele ukubuya namaphuzu amathathu eKapa," kusho uMakhanya.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-10am: Kaizer Chiefs v Richards Bay (FNB Stadium); Maritzburg United v Stellenbosch (Harry Gwala Stadium); Marumo Gallants v Mamelodi Sundowns; (Old Peter Mokaba Stadium); SuperSport United v Chippa United (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-12pm: TS Galaxy v Royal AM (Tsakane Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Cape Town City v Orlando Pirates (Malta Park Sports Complex); Sekhukhune United v Lamontville Golden Arrows (Tsakane Stadium).
Ngo-12pm: AmaZulu v Swallows (King Zwelithini Stadium).