USESHAYA ungqimphothwe ngokushiya iKaizer Chiefs umdlali wasemuva, u-Austin Dube, olizwa ngendaba ijezi kuleli qembu.
UDube (30) usayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022 ekade eshisa kwiRichards Bay.
Nokho itshe ligaye ngomunye umhlathi esefike eNaturena kwazise uphenduke isibukeli kubaqeqeshi abehlukene.
Bekunezinkulumo zokuthi Amakhosi afuna ukumbolekisa ngesikhathi kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali ngoJanuwari kodwa kwagcina kungenzekanga. Emasontweni adlule leli phephandaba libikile ukuthi uDube usevumile ukubuyela kwiNatal Rich Boyz.
Nokho sekuvele ukuthi uDube akafuni ukwamukela okubekwa yiChiefs etafuleni ukuze inqamule inkontileka yakhe, kuhlukane izindlela.
Inkontileka kaDube neChiefs iphela ngoJuni 2024.
"Indaba kaDube neBay bekubukeka isizolunga kodwa yena usencamela ukuhlala kwiChiefs. Ufuna okungaphezulu kwalokhu abafuna ukumnika kona uma kunqanyulwa inkontileka yakhe,“ kusho umthombo.
“Akucaci ukuthi kuzophetha kanjani ngoba uyazi ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi kwiChiefs.“
Ngesizini edlule, uDube udlale kanye kumqeqeshi u-Arthur Zwane.
Lo mqeqeshi osegudluziwe esikhundleni, isikhala sakhe savalwa nguMolefi Ntseki, maphakathi emuva ubeqoka ukudlalisa uZitha Macheke, Siyabonga, Edmilson Dove noNjabulo Ngcobo.
Uma eqhubeka nokuhlala kwiChiefs uDube uzothwala kanzima kakhulu ukuthola isikimu njengoba endaweni ayidlalayo sekwengezwe ngoSiphiwe Msimango osuka kwiTS Galaxy noThatayaone Ditlhokwe waseBotswana obedlalela iSuperSport United.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, wenqabile ukuphawula ngendaba kaDube.
"Senza amalungiselelo okuqala kwesizini, ayikho imibuzo edinga izimpendulo esiyamukelayo. Siyamemezela uma kukhona esidinga ukukudlulisa. Akukho enginakho okwamanje okumayelana no-Austin," kusho uMaphosa.
Amakhosi asehlukene noCole Alexander, Phathutshedzo Nange, Eric Mathoho noNgezana osayine eqenjini laseRomania.