USHAYA phansi ngonyawo uPhumlani “Big-Pun” Dube, uthi ngeke axolise kuMaZulu FC phezu kokuba esebekelwe umnqamlajuqu wokuthi lingashoni elanamuhla engakuhoxisanga akusho ngaleli qembu.
USuthu luxoshe uDube ngasekupheleni konyaka odlule. Nakuba lungasivezanga isizathu kodwa iputshukile imibiko ethe yingoba washaya uzakwabo wesifazane.
Ngesonto eledlule, uDube ubize isithangami sabezindaba lapho eveze khona ukuthi kudla lubi ukuphuzwa kwamankwebevu kuleli qembu.
Uveze nokuthi akazange amshaye lo wesifazane, uxoshelwe into engekho. Engxoxweni leli phephandaba elibe nayo noSandile Zungu ongumengameli woSuthu, uveze ukuthi uphoxeke ngendlela eyisimanga ngalesi senzo sikaDube kwazise ubemethemba.
"Simnikile ithuba lokuziphendulela kwizinsolo abebekwe zona. Icala beliphethwe usihlalo ozimele. Ubucwaningisisile ubufakazi bommangali nobobukammangalelwa. Ube esethatha isinqumo sokuthi akhonjwe indlela uDube. Besingake silucindezele lolu daba ngoba kasihambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane. Okunye ukuthi ummangalelwa ubezobopha thina. USuthu luzamile ukuvikela isithunzi sikaDube, wuye oseveza ukuthi uhlukumeze umuntu wesifazane," kubeka uZungu.
UDube lowayesebenza njengokhulumela iqembu nomxhumanisi nomphakathi, wathi: “Utshwala buphasile kuMaZulu, angikusho nje lokho. Kungama yonke into.”
UZungu uthe kungamanga ukuthi utshwala bufana nesiko eqenjini lakhe. Uveze ukuthi ezinsukwini ezedlule, uSuthu luyalelele abameli balo ukuthi batshele uDube ukuba axolise aphinde ahoxise amazwi awasho.
"Uma kuke kwashona elakusasa (uLwesithathu) engaxolisanga sizothatha izinyathelo ezinqala. Uma ethi utshwala bufana nesiko kuMaZulu usho ukuthi ayiqembu lezidakwa. Ngeke sikuvume ukuthi sidicilelwe phansi isithunzi seqembu.“
UDube ukuvumile kuleli phephandaba ukuthi uyitholile incwadi yabameli boSuthu emyalela ukuthi axolise ngakusho.
Uthe le ncwadi imyalela ukuthi ahoxise esidlangalaleni amazwi awasho nokuthi kumele abhalele iqembu incwadi yokuxolisa.
Uma engakwenzi lokhu, lolu daba luzodlulela kwinkantolo enkulu. Uthe naye udaba useludlulisele kubameli bakhe.
Ube eseveza ukuthi ngeke akwenze okushiwo yile ncwadi.
"Ngizoyikhipha maduze impendulo ecacile. Kodwa-ke ngeke ngikuhoxise engakusho futhi ngeke ngixolise. Ukukhuluma iqiniso akulona icala," kubeka uDube.
Uqhube wathi akanankinga ngokuhlangana enkantolo naMaZulu. Le nkulumo uphinde wayibhala kwizinkundla zokuxhumana.
Ngemuva kokuthi AmaZulu ehlule iSekhukhune United ngo-2-0 koweDStv Premiership ngepelasonto edlule, obengumqeqeshi wawo, uBrandon Truter, ucashunwe ngabezindaba eyifakazela eyokuphuzwa kotshwala kuSuthu. UTruter usengumqeqeshi weSekhukhune.
UZungu uthe lo mqeqeshi ubehhema, ubedlala izinhlungu zokushaywa wuSuthu.
"Ayikho le nto ayikhulumayo. Esaqeqesha uSuthu akakaze nangolulodwa usuku angazise ngalokhu. Bengihlale ngikhuluma naye nsuku zonke.“
U-Ayanda "Cobra" Dlamini oyibambamqeqeshi kuMaZulu ukuchithile okushiwo ngeqembu.
"Njengomqeqeshi waMaZulu kumele ngibavikele abadlali bami ngoba ngiyabadinga. Kumele ngibakhulumele ngiba kwesinye isikhathi abakwazi ukuziphendulela. Lokhu okushiwo ngabo kungabulala ikusasa labo.
"Kusenabadlali abancane abasabheke ukuya phesheya noma eqenjini lesizwe. Kuzokwenzekani ngekusasa labo uma kunabantu abakhuluma kanje ngabo?
"Uma unenkinga neqembu kumele uyixazulule ngendlela enenhlonipho. Uma utshela abantu ukuthi kuMaZulu kugcwele izidakwa mhlawumbe besidakwa nawe ngesikhathi useyingxenye yeqembu. Mhlawumbe nalapho usekhona usadakwa, asazi,“ kusho uDlamini.
Namuhla ngo-7.30, ezikaDlamini zizobhekana neMamelodi Sundowns, ePrinces Magogo Stadium. Kumele okungenani uSuthu lulwele ukuthola iphuzu njengoba lungahleli kahle kwi-log.
UZungu uthe akakalilahli ithemba lokuthi bazoqeda kwi-Top 8.
"Ngeke sivume ukudliwa yiSundowns. Empeleni siwafuna womathathu la maphuzu. Kasinandaba ukuthi sidlala nobani. Uma singenza kahle kule midlalo esele, siyaya kwi-Top 8," kubeka uZungu.