AKENELE ngokuba ngumgadli weKaizer Chiefs, u-Ashley du Preez, uzimisele ngokuthuthuka. UDu Preez, ungomunye wabasolwa ngokushaya into ephansi ekubeni ufike ethenjiwe.
Okwenza uDu Preez (27), wafika kwiChiefs ethenjiwe wukuthi ubevutha engabaselwe kwiStellenbosch FC, esanda kuphuma kowandulela amanqamu eNedbank Cup.
Yisizini yokuqala kaDu Preez kwiChiefs kanti yize kulindelwe okukhulu kuye, yena ulindele ukuthi iChiefs ibe yisitebhisi ekudlaleni kwakhe ibhola.
“Njengomdlali ngayedwana, akufanele ngigxile kwezinye izinto. Njengomuntu kufanele ukwamukele ukushintsha nokuthuthuka,” kusho uDu Preez.
Lo mgadli waseKapa, ubalwa nabadlali abasetshenziswa yiChiefs ukuhlela ngabo amaqhinga okunquma izitha.
Ubalwa noCalib Bimenyimana (25) waseBurundi, ofike ngamawala kwiPremier Soccer League kodwa osedla ibhentshi ngenxa yokubanda. Omunye okushaywa amakhala ngaye emafolisini eChiefs, nguChristian Saile (23) waseDemocratic Republic of Congo.
Lo mdlali oyibamba kumahlom’uhlasele (amafolosi) enkundleni, ufike kwiChiefs esesolwa ngokugeja kakhulu.
Nebala usahamba kulowo mugqa kangangoba ngeledlule bekhishwa yi-Orlando Pirates kuma-semifinal eNedbank Cup, ungomunye wabasolwa ngokulahlisa iKhosi kulo mdlalo.
USaile ngeledlule uzikhiphe kubalandeli beMpofana eshumpuza ibhola abelithushekelwe nguDu Preez, ebhokisini lePirates. Leyo yokuthusheka amabhola yindawo ayamukelayo uDu Preez, okungenani noma ingasivala isikhala samagoli alindelwe kuye.
“Njengomdlali, engikwenzayo wukucabanga ngokuthi ngiya ngamuphi umqondo emidlalweni ngokuhlukana kwayo. Ngicabanga ukuthi kusuka ngisemncane bengihlezi ngifuna ukudlala kule midlalo,” kusho uDu Preez.
Esekusho konke uDu Preez, kuyavela ukuthi akazimisele ngokuphelela kwiChiefs, aseyishayele amagoli ayisishiyagalolunye (ayisithupha kwiligi, mabili kwiNedbank Cup, linye kwiMTN8).
“Iphupho wukuya phambili empilweni njengomdlali. Yilokho okungikhuthaza kakhulu. Iqembu elifana neKaizer Chiefs lihlezi lilikhulu futhi uyabona lingakuthatha likubephi njengomdlali,” kusho uDu Preez.
“Ngiyakuqonda lokho kanti manje sekungukubona ukuthi lingakuthatha likubekephi (njengomdlali).”