UYAKWAMUKELA ukugxekwa kweKaizer Chiefs ngoshaya into ephansi omunye wokaputeni bayo uKeagan Dolly. Kubhekwe ukuthi aklame indima emqoka namuhla ngo-3.30 ntambama kowomkhaya weDStv Premiership ophakathi kweZimpofana ne-Orlando Pirates, eFNB Stadium.
Emlenzeni wokuqala iChiefs inqobe ngegoli likaYusuf Maart. Kuyiwa kulo mdlalo kuyiPirates emi kangcono kuneChiefs njengoba izikhotha amanxeba emuva kokuhlulwa yiLamontville Golden Arrows, emdlalweni odlule lapho uDolly engaqedanga ukudlala.
“Ngiyazi ukuthi miningi iminwe ebheka ngakimi uma iqembu lingenzi kahle kodwa ngiyakwamukela lokho ngoba ngingomunye wabaholi beqembu, ngingomunye wabadlali abakhulile eqenjini,” kuchaza uDolly.
“Okusemqoka wumdlalo ophambi kwethu, kumele sikubeke ngemuva osekwedlule. Sidinga amaphuzu aphelele ngoba ukunqoba lo mdlalo kuzosinika ukuzethemba esikudingayo, ukulwela ukuqeda endaweni yesibili. Leli ngelinye ithuba lokunyukela endaweni yesibili.”
Akusiye yedwa uDolly othwele ingcindezi yokushayela iChiefs amagoli, bakhona nabagadli ababhekiwe okubalwa uCaleb Bimenyimana, noChristian Saile, abazobe bedlala okokuqala kowomkhaya.
“USaile ngumdlali omuhle kakhulu. Ngiyafisa ukuthi sikwazi ukudlala naye esikimi esisodwa. Ngingakuthanda lokho,” kusho uBimenyimana.
“Awukho umehluko ongako esiwulindele kulo mdlalo ngoba njengeqembu siyakwazi okumele sikwenze. Okumqoka wukuhlala ezinhlelweni zethu. Uma senze njalo, konke kuzohamba kahle.”
Indlela abakhuluma ngayo abadlali baphambili beChiefs, kuyacaca ukuthi izitobha zePirates zizobhekana nomsebenzi omkhulu wokukhipha amanzi endlini.
Kepha uTapelo Xoki, weZimnyama uthembise ukuthi bazoqina emuva ukuze bavike kwasani esondelayo.
“Ngijabule kakhulu ngokuba lapha, nendlela engamukelekele ngayo. Umsebenzi wethu uqala emuva ezitobheni. Uma sizoqina emuva, silwele ukuthi kuphele umdlalo singangenelwanga yigoli, kuzoba lula nakwabadlala phambili ukuthi bashaye amagoli,” kusho uXoki.
Imidlalo yeDStv Premiership
Namuhla - Sekhukhune v CT City ePeter Mokaba Stadium, ngo-5.30pm; R’Bay v Stellenbosch eKing Zwelithini Stadium, ngo-5.30pm; AmaZulu v Royal AM eMoses Mabhida Stadium, ngo-8pm.
Kusasa - Chippa Utd v Swallows eNelson Mandela Bay, ngo-3.30pm.