UKHWELE wadilika kubadlali bakhe, umqeqeshi waMaZulu, u-Ayanda Dlamini, abasole ngokudembesela ngesikhathi bexetshulwa yi-Orlando Pirates ngesibhaxu sika-4-0 emdlalweni wokugcina weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo.
Kuyiwe ekhefini amaBhakaBhaka esehamba phambili ngo-3-0, ngamagoli kaThabiso Monyane, Relebohile Ratomo noMonnapule Saleng, athola elesine elivalelwe nguKabelo Dlamini ngasekupheleni kwesesibili.
UDlamini ukubeke kwacaca ukuthi uphoxekile ngendlela abadlali bakhe abavumele ngayo iPirates ukuthi izicanasele enkundleni yabo ekubeni bebehlose ukuyivala ngegiya eliphezulu isizini.
"Indlela esihlulwe ngayo iyihlazo. Sibanikile umdlalo futhi kuyadumaza kakhulu. Abadlali bethu bavele bakhetha ukungabibikho kulo mdlalo. IPirates yiqembu elihle kakhulu futhi idlale kahle kodwa uma ubheka wonke amagoli adalwe yithina,” kusho uDlamini.
“Kucace zibekwa ukuthi bazosihlasela kodwa sazigwaza ngowethu ngokwenza inqwaba yamaphutha. Bebengasicindezeli ukuze bathathe ibhola, yithina ebesivele sibaphasele. Kube yinhlanhla ukuthi singangenelwa amahlanu, ayisithupha noma ayisikhombis kodwa nabo bayazi ukuthi la magoli bawaphiwe.
“Iqembu lisazoqhubeka esigabeni esiphezulu ngakho-ke kusazohlelwa kuthathwe izinqumo. Kodwa ngasohlangothini lwami, ngidumele kakhulu. Angiyena umuntu othanda ukukhomba abanye ngeminwe, ngizolithwala icala njengomqeqeshi.
“Ngenze konke okusemandleni ami, kodwa kunezinto okumele zibhekisiswe. Kufanele sicubungule lo mdlalo, sibheke indlela abadlali abathile abadlale ngayo, sibheke ukuthi akukho yini esingakuthola.”
Usuthu lungene kulo mdlalo selwazi ukuthi seluphephile ezembeni futhi lungasenalo ithuba lokungena kwiTop 8. Noma kunjalo, uDlamini ubelindele ukuthi ezakhe zilwele isithunzi seqembu kulo mdlalo wokugcina.
“Bengingalindele ukuthi abadlali bazofika besesimeni esifana nalesi ngoba phakathi nesonto ngibabonile bezilolonga ngokujwayelekile. Sixoxile nangokuthi isizini ayikapheli futhi kusekhona okufanele sikudlalele. Besihlose ukulwela amaphuzu amathathu, silwele iqembu nabalandeli ngoba kubafanele lokho,” uDlamini uqhube kanje.
“Kumfanele umengameli ukubona iqembu liqeda isizini ngomphumela omuhle. Nokho, kucacile ukuthi abanye abadlali bebeseholidini kodwa bebebonakala nalaba abezimisele.
“Kungenzeka ukuthi bekusemiqondweni yabo ukuthi siphephile ezembeni futhi ngeke siye kwi-Top 8. Awukwazi ukungena emqondweni womuntu uthole ukuthi ucabanga kanjani kodwa ngemuva kokubona indlela abadlale ngayo, ngiyavuma ukuthi abanye babo bese bewaqalile amaholidi.”
Usuthu luqede endaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu-33, emidlalweni engu-30. IPrates iqede endaweni yesibili ngamaphuzu angu-54, yazibekisela indawo kwiCaf champions League yangesizini ezayo.