UZIZWA ekhethekile uSiboniso “Nini” Vilakazi ngokuqokwa wumqeqeshi obambile kuMaZulu FC, u-Ayanda “Cobra” Dlamini, ukuthi abe yiphini lakhe eqenjini elikhulu eliyibamba kwiDStv Premiership.
UDlamini unikezwe isikhundla sokupheka isikimu esikhulu saMaZulu ngesonto eledlule emuva kokugudluzwa kobengumqeqeshi, uRomain "Fohloza" Folz obehluleka wukuwinisa iqembu.
UFolz usengusomaqhinga osebenza ukucebisa umengameli woSuthu uSandile Zungu. UDlamini, obeyiphini likaFolz, uhlale okokuqala ebhentshini ngempelasonto edlule bebhekene neCape Town City koweligi ekuhambeni emdlalweni abadlale kuwona ngokulingana ngo 2-2. Ubebonakala ehlanganisa amaqhinga noVilakazi ongumqeqeshi weqembu leDStv Diski Challenge. UDlamini uke waba yiphini likaVilakazi kwiDiski ngesikhathi bewina iDStv Rewired ngo-2021.
Wayehliswe emuva kokufika komqeqeshi uBenni McCarthy owafika nethimba lakhe okwakukhona kulona uMoeneeb Josephs noVasili Masounakis oseqeqesha iRichards Bay FC.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi uDlamini uziqokele uVilakazi njengozomsiza ebhentshini.
UVilakazi, owayeqeqesha kwiKZN Academy, uthe kuyinto enkulu kuyena ukuthi nguDlamini omqokile ukuthi azomlekelela esikimini esikhulu.
"Ngabe kuhlukile ukube ngabaphathi abangitshele ukuthi angiyosiza u-Ayanda esikimini esikhulu. Manje uyena oqoke mina ngesikhathi ebuzwa ngomuntu afuna ukuthi azomsiza. Lokhu kuyinto enkulu kimina. Kusho ukuthi uyangethemba. Ubengaqoka noma wubani kodwa ukhethe ukulanda mina kwiDiski. Siyazana kakhulu naye futhi siyezwana ngokomsebenzi. Kade sindawonye siwina iRewired kwiDiski, umehluko wukuthi ubeyiphini lami, manje yimina oyiphini lakhe. Uyangazi ukuthi ngisebenza kanjani, nami futhi ngiyayazi indlela asebenza ngayo," kusho uVilakazi.
Iqembu leDiski libanjiswe uSiyabonga “Bhele" Nomvethe obeyiphini likaVilakazi. Emdlalweni wakhe wokuqala ushaywe yiSuperSport ngo 3-0 ngempelasonto edlule. Esikimini esikhulu soSuthu, uDlamini noVilakazi banengcindezi yokushintsha isimo, babuyise izinsuku zenjabulo eqenjini.
Emdlalweni olandelayo, AmaZulu azovakashela iSuperSport United koweDStv Premiership ngo-Ephreli 22 eTUT Stadium. Asendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu-29 emuva kwemidlalo engu-25.
"Sonke siyakuqonda ukubaluleka kwemidlalo yethu emihlanu esisalele. Kubalulekile ukuthi sibambisane sonke. Okuhle wukuthi sineqembu elihle elixube abadlali abadala nabasebancane. Umqeqeshi ukhulumile nabadlali bayigcizelela eyokuthi sinabadlali abasezingeni eliphezulu. Singaphumelela ukuqoqa amaphuzu esiwadingayo ngaphambi kokuphela kwesizini. Okubalulekile wukuthi simeseke u-Ayanda njengoba senzile kuFohloza. Ungomunye wethu. Kuzoba khona izihibe kodwa ekugcineni kuzolunga," kusho uVilakazi.
UDlamini ekhuluma ngemuva komdlalo weCity, uthe akalilahlile ithemba ngokuqeda kwiTop 8.