UZIMISELE ngokubuyisela iqembu lakhe emgqigqweni ngokwenza kahle kwiZLM Project Cup umqeqeshi woMvoti FC, u-Ayanda Dlamini kulandela ukungaqali kahle kwalo emidlalweni yeSafa KZN ABC Motsepe League.
UMvoti ungene kweyandulela owamanqamu alo mqhudelwano ngemuva kokuqeda phezulu eqoqweni layo ebelibophele, iMuzi King Masters, Drakensburg, Chess FC neHellenic.
Amanye amaqembu azibekisele indawo kowandulela owamanqamu ngokuqhwakela emaqoqweni iSummerfield Dynamos neNjampela.
Akukacaci phakathi koMkhambathi neMidlands Wanderers ukuthi yiliphi iqembu elidlulile njengoba ebambene ngamaphuzu futhi kusalindwe nesinqumo esizocacisa.
Imidlalo eyandulela owamanqamu izogijinywa ngoMgqibelo bese kusala azodlala owamanqamu.
Iqembu elizoba ngompetha balo mqhudelwano lizohlomula ngesheke lika-R100 000.
Elizolala isibili lihambe no-R50 000 kuthi elizolala isithathu nelesine bona bahambe no-R20 000 no-R10 000.
“Sizimisele ukuhamba size siwunqobe lo mqhudelwano. Abadlali bazimisele kanti lokhu kuzosisiza kule sizini njengoba singaqalanga kahle, lo mqhudelwano uyasisiza ekubuyeleni emgqigqweni wethu,” kusho uDlamini.
UMvoti uku-Stream B kanti uhlezi endaweni yesine ngamaphuzu angu-25 emdlalweni engu-15 abasayidlalile.
Ngasohlangothini lweDynamos, umqeqeshi wayo uSandile Zuke uthe balindele umdlalo onzima kowandulela owamanqamu.
“Silindele umdlalo onzima kakhulu njengoba sesikowandulela owamanqamu kodwa ngaseqenjini lethu silindele ukuzimisela, ukuzihlela namagoli.
“Inhloso yethu kwasekuqaleni kwakungekhona ukuwina lo mqhudelwano kodwa kwakuwukulungiselela imidlalo yethu yeligi esisalele nokuthi sinike abadlali abangajwayele ukudlala ithuba lokuthi baziveze,” kusho uZuke.
Oyimenenja yeNjampela, uMomelezi Mkhize ukholwa wukuthi bangakuphinda abakwenze ngasekuqaleni konyaka.
“Njengoba sanqoba iPrimo Cup, sizibhekile ukuthi siphinde siwine enye inkomishi. Njengoba sizodlala noMvoti nje akusikho okokuqala futhi ngeke kube lula ngoba bayiqembu elinesipiliyoni kakhulu.
“Iqembu elizokwenza kahle liphinde liwasebenzise amathuba elizowathola nginesiqiniseko ukuthi lizodlulela kowamanqamu,” kusho uMkhize.
Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalelwa eKing Zwelithini Outer Fields kusukela ngo-10 ekuseni ngoMgqibelo.
Amaqembu akowandulela owamanqamu aqhathwe kanje: Mvoti v Njampela; Mkhambathi/Wanderers v Summerfield Dynamos.