UPHUMELE obala ngephupho lakhe lokuqeqesha ngokugcwele obeyibamba lomqeqeshi kuMaZulu FC, u-Ayanda Dlamini.
UDlamini (38), unikezwe izintambo ngo-Ephreli ngesikhathi kuhlehliswa obengumqeqeshi, uRomain Folz, kwathiwa akayosebenza eduze nomengameli weqembu, uSandile Zungu.
Usuthu ludlale imidlalo eyisithupha ngaphansi kukaDlamini, lwanqoba owodwa, lwadlala ngokulingana kwemibili, lwakhala ngaphansi kwemithathu.
Kuphele isizini iqembu lilele endaweni ka-12 ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-30, lasinda ezembeni kodwa lahluleka ukungena kwiTop 8. UDlamini ukholwa wukuthi iqembu lifunde okuningi kule sizini esanda kuphela.
“Ziningi izinto esibona ukuthi zihambe kahle kodwa futhi zikhona nezingahambanga kahle. Kusamele ngihlale nomengameli, ngethule umbiko ngemidlalo eyisithupha ebengibambe izintambo kuyona,” uDlamini usho kanje.
“Ngizochaza ukuthi yikuphi la ngibona sengathi sithuthuke khona nalapho okusamele sikhuphule amasokisi khona. Nginesiqiniseko sokuthi naye njengomengameli kukhona akubonile okuhambe kahle nokungahambanga kahle kule sizini.”
UDlamini, owaduma ngokuhlohla amagoli esengumgadli woSuthu kusukela ngo-2009 kuya ku-2016, ubengaqali ukunikwa ithuba lokucija leli qembu.
Wanikwa izintambo ngoMashi ka-2020 kulandela ukudedelwa kukaJozef Vukusic. Waqhubeka ekuqaleni kwesizini ka-2020/21 kodwa waphinde wasishiya isikhundla ngoDisemba.
Uthe iphupho lakhe wukuthi asithole ngokuphelele lesi sikhundla kodwa uzimisele ngokulinda uma isikhathi singakafiki.
Usuthu seluke lwamataniswa nomunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, kanti kunamanye amahebezi okuthi abheke ukulanda omunye umqeqeshi waphesheya.
“Nginesifiso sokuthi ngigcine ngiqeqesha ngokuphelele, akukhathali ukuthi lokho kwenzeka manje noma eminyakeni ezayo. Uma kwenzeka iqembu lizithola lisesimeni esithile, liphinde lingidinga, ngizohlale ngikhona,” kusho uDlamini.
“Ngikholwa wukuthi izimo ezinjengalezo yizona ezikhulisa abaqeqeshi bonke. Angicabangi ukuthi kukhona owaqala eseqeqesha iSundowns, enqoba inqwaba yemidlalo ilandelana.
“Bonke baqala kancane kancane. UPitso kukhona lapho aqala khona, kanjalo nabaqeqeshi abafana noRhulani (Mokwena) noPep Guardiola. Akekho ofika esewuqweqwe.
“Sonke kumele sibhekane nobunzima bese kuyavela ukuthi uwumuntu onjani nokuthi uyakwazi yini ukukhula. Zonke izimo engibhekana nazo ngizithatha njengezifundo ngoba iphupho lami wukuthi ngibe wumqeqeshi ozinzile,” uphethe kanje.